SELUDAYISWA BUKHOMA UCANSI EZINKUNDLENI ZOKUXHUMANA
IZINKUNDLA zokuxhumana seziphenduke isizinda lapho abantu bevula khona izinkundla okuthengiswa kuzo ucansi bukhona. Lezi zinkundla iningi lazo ezigcwele enkundleni yokuxhumana uFacebook zinika ithuba abantu abathengisa ngocansi ukuba bazikhangise. Akugcini ngokuthi kube ngabathengisayo kuphela abafaka izikhangiso, nalabo abafisa ukuthenga noma ukusizwa ngokocansi nabo bayafaka izikhangiso ukuze bezothola labo abathengisayo.
Okufanele ukwenze nje wena ukuba ujoyine ube ilungu laleso sixuku ukuze ukwazi ukukhangisa uphinde uthole nezikhangiso ezifakwe ngabanye abangamalungu aleso sixuku. Ofaka isikhangiso uthumela umyalezo azisho ukuthi uhlala kuphi, ufuna hlobo luni losizo nokuthi uzimisele ukukhokha malini. Okuye kwenzeke-ke ukuthi labo abanentshisekelo babe sebephendula kube ukuhlangana kwezinto njalo.
Angikucacise ukuthi anginayo inkinga nokuthi ubani wenzani ngempilo noma ngesikhathi sakhe. Kodwa-ke, okungenze ngazizwa ngifikela ukwesaba ngalezi zinkundla zokuthengisa kocansi ukuthi, isikhathi esiningi u-Facebook usetshenziswa kakhulu abantu abasebancane futhi abangakavumeleki ukuba bazibandakanye ngokocansi. Manje, abasunguli balezi zixuku bakuqinisekisa kanjani ukuthi labo abajoyinayo iminyaka yabo iyabavumela ukuba babesezixukwini ezihweba ziphinde zikhulume ngocansi.
Angisayiphathi eyabanikazi balezi zinkundla ngoba ngiyazi abazi nokuthi kwenzekani ngenxa yokuthi isikhathi esiningi kulezi zinkundla akukhulunywa ngesiNgisi okuwulimi abalwaziyo
Okunye okungenza ngibe nokwesaba ukuthi ngokwazi kwami kuyicala ukuhweba ngoconsi lapha eNingizimu Afrika. Manje kwenzeka kanjani ukuthi kwenzeke kalula nje kulezi zinkundla zokuxhumana. Kungenzeka yini ukuthi ezomthetho wakuleli zikushaya indiva okwenzeka kulezi zinkundla noma ingoba abazi ukuthi bangaqalaphi uma bethi benza uphenyo?
Okwanda kwalezi zinkundla kuphosa inselelo kubazali ukuba baqaphele ngaso sonke isikhathi ukuthi ngabe abantwana babo baxoxa nobani kulezi zinkundla, ikakhulukazi ku-Facebook. Uma ungumzali bheka ukuthi ngabe iziphi izixuku ingane yakho eyimemba yazo kulezi zinsuku.
Impela izinto ziyashintsha! Ubani nje owayazi ukuthi soke sibone ucansi ludayiswa udede nje ezinkundleni zokuxhumana.
*Sandile Khumalo ungumbhali wezincwadi zesiNguni, intatheli ezimele futhi wenza izifundo zobuntatheli e-Wits University. Ungaxhumana naye kuleli kheli le-email elithi: sandile.khumalo@macmillaneducation.co.za