NGABE U-TRUMP UNENZONDO NGABOHLANGA OLUMNYAMA?
PHEZU kweminyaka eminingi i-United States (US) isiza i-Afrika ngezamandla obekusiza ukuthuthukisw ezomnotho, kuliwe nobubha futhi kuphuculwe amazinga empilo ezwenikazi lonke. Ukungena kuka-Donald Trump sekushintshe konke lokho njengoba esemise yonke leyo minyakazo ebidweba isithombe esihle ngeMelika njengomnakekeli wamazwe, ikakhulu anabantu abaningi bohlanga olumnyama.
I-SABC ikhiphe umbiko obudweba isithombe esicace bha ngobuholi obukekelayo buka-Trump kanye nokukhipha inyumbazane amazwe ase-Afrika.
Wona lohulumeni kaTrump usanda kumemezela ukuthi uhlela ukuhoxisa izinhlelo zokusiza iNingizimu Afrika, ezihlanganisa uxhaso lwemali esiza ekuthengeni imishanguzo nokunye.
Lokhu abaningi bakuthatha njengonya lomholi alubhekise kubantu abamnyama.
Abaningi bamncomile u-Trump esanda kungena ehhovisi, enza izimemezelo ezihlanganisa ukucwasa abantu abaphila impilo yokuthandana nabanobulili obufanayo, kodwa manje kuyacaca ukuthi lo mholi uqonde ukuphazamisa uhlelo lonke lokuphila.
Izinqumo zakhe ziphonsela inselelo inhlalonhle yabantu, ezomnotho, ezempilo neminye imikhakha yempilo.
Umhlaba uya ngokuya uxhumana ngenxa yabantu abafuna ukusabalalisa amabhizinisi, ababheka imisebenzi kwamanye amazwe nabavakashi. Kubalulekile ukuba abaholi bamazwe bakhulume ulimi lokubumbana nolokutshala ukuthula phakathi kwabantu.
Sibhala lapha nje usanda kuxosha isikhulu esiphezulu embuthweni wamasosha i-US Air Force, u-General Charles Brown ngoba emnyama ngokwebala. U-General Brown ubeyingusihlalo wezinhloko zonke zezimpiko zombutho wamasosha eMelika. Lesi sikhundla besimenza abe ngumeluleki wezempi kamengameli wezwe, ungqongqoshe wezempi kanye nomkhandlu wezokuphepha ezweni. Emuva kuka-General Brown kuqokwe uLt. Gen. Dan Cain onebala elimhlophe.
Kuyabonakala ukuthi nabamhlophe kuleli bayambona u-Trump ukuthi umele lokhu abayikho nabakufunayo. Muva nje kubonakale amathimba ezinhlangano ezimbili zabamhlophe ebezisuka kuleli, i-Solidarity ne-AfriForum abe nezingxoxo ezisezingeni eliphezulu nabasebenzi behhovisi likamengameli waseMelika, u-Donald Trump. Lamathimba abeholwa usihlalo we-Solidarity, u-Flip Buys, i-CEO ye-Solidarity u-Dirk Herrman ne-CEO ye-AfriForum u-Kallie Kriel.
Laba kuzwakele ukuthi bebeyonxenxa u-Donald Trump ukuthi akajezise kanzima umengameli waseNingizimu Afrika, u-Cyril Ramaphosa neqembu lakhe i-ANC ngabakubize ‘ngokuphasisa imithetho ecwasa idlanzana labamhlophe’.
Okunye abanxuse u-Trump ukuthi akwenze ukuqinisa imithetho ecwasa abamnyama. Futhi bafuna ukuthola umhlaba omningi ozohlinzekwa amabhunu, akhande kuwo izikhungo zawo zokuqeqesha.
Abanye mabezama ukumbambatha ubulukhuni balo mholi bathi izinqumo zakhe kumele zibe isifundo kubaholi base-Afrika ukuthi bengathembeli kwi-US, ikakhulukazi elakuleli.
Nakuba kunjalo akumele kufihlwe ukuthi u-Trump umele unya, ukulwa, inzondo, ukuhlukana, nokucwasa okunhlobonhlobo.
*Ungaxhumana nomhleli kuleli kheli le-email: editor.umkhaya@gmail.com noma ku-Whatsapp [0795239786]