WACELA KUNKULUNKULU UKUKHIPHA I-HIT ETHI ‘KUSHO BANI’ U-CASSPER NYOVEST
UTHI kwathi abantu bethandaza becela izinto ezehlukene kuNkulunkulu, yena wacela ukukhipha ingoma ezoba i-hit. Bekusho umrepha wakuleli, u-Cassper Nyovest ebuyekeza impumelelo yengoma yakhe entsha ethi Kusho Bani.
Lo mculi osenqobe inqwaba yezindondo uthe wacela ukukhipha i-hit ngesikhathi kunomcimbi we-Home Cell. Uthe lokhu wakwenza ngoba esebona ukuthi umculo wakhe ushona phansi.
“Ngike ngaba sesimeni lapho ngibona khona ukuthi umsebenzi wami ushona phansi. Bese ngisizwa amanye amabhizinisi ami. Ngaba nenhlanhla ukuthi ngibe namabhizinisi okungawami kodwa bengibona ukuthi ngaphandle komculo angikwazi kwenza lutho” kusho u-Cassper.
Selokhu u-Cassper wamemezela ukuthi wamukela uNkulunkulu empilweni, usehlale ezwakala embonga njalo futhi ephakamisa ubukhulu bakhe ngasosonke isikhathi. Futhi akakufihli ukuthi ukholo lwakhe luqine kangakanani kuNkulunkulu.
Uthe ubunzima bokudonsa kanzima empilweni kumenze wabona ukuthi akaguqe ngedolo phansi, akhuleke. Uthe kwathi abantu bethandaza becela izinto ezehlukene kuNkulunkulu yena wacela into abangayithatha njengento encane uma iqhathaniswa nezinye izimo eziphazamisa impilo.
“Ngathi, ‘Yo Nkulunkulu, ngicela ukuba nengoma eyi-hit’ wonke umuntu owayekhona wahleka. Kodwa ngakusho lokho ngokuziqhenya. UNomuzi waze wenza ihlaya, wathi, ‘Uma uyithola ingoma eyi-hit sicela ungasishiyi'”, kusho u-Cassper.
Ingoma ka-Cassper ethi Kusho Bani kumanje ilele endaweni yesine ohlwini lwe-Radio Monitor South Africa (RAMS) lwezingoma ezidlalwa kakhulu emisakazweni yakuleli.
Umthombo: www.hiphopmag.co.za