USETHOLAKELE ODLALE I-LOTTO NGO-R5 WAKHALA WEMUKA NO-R5 MILLION
UGCINE etholakele owesifazane osemncane obecingwa abeThuba Group ephethe i-lotto emuva kokunqoba u-R5.3 million. Lona wesifazane oziyele yena emahhovisi abeThuba Group udlale ithikithi le-lotto esitolo sakwa-Shoprite esise-Melmoth, KwaZulu-Natali.
Udalule ukuthi izinombolo anqobe ngazo i-lotto azicatshangangwa uyena kodwa bezivame ukudlalwa ubaba wakhe esaphila. “Ubejwayele ukuzidlala. Ngithole ithikithi ake wadlala ngalo kudala, ngafaka izinombolo abezifakile. Okwenzekile bengingakilindele, kodwa ubaba wayehlale esho ukuthi lezinombolo ziyonqoba ngelinye ilanga”, kusho yena.
Lona wesifazane nodadewabo bakhulise kanzima ezinye izingane zakwabo emuva kokushona kwabazali babo bobabili. Impilo beyinzima kodwa lokhu kunqoba kwakamuva kuzosishintsha sonke lesi simo.
“Impilo ibinzima kakhulu kithi, kodwa lokhu kunqoba kuzoshintsha sonke isimo sethu. Sesizoba nomuzi omuhle futhi osifanele. Angingabazi ukuthi izingane zakwethu zizothola imfundo esezingeni eliphezulu”, kusho yena.
Uthe ngaphambi kokusebenzisa imali uzolandela uhlelo oluhlinzekwa iThuba Group lokuwelulekwa ngokwezimali, nokuyithuba eliqinisekisa ukuthi abanqobe i-lotto bayisebenzisa kahle imali yabo.
“Ngesikhathi ngithola ukuthi nginqobile, ebengikufisa ukuthi lemali kufanele isize umndeni isikhathi eside. Ukululekwa engikutholile kuzongisiza kakhulu futhi ngihlele ukugcina isamba esikhulu salemali”, kusho yena.
Isikhulu esiphezulu kwiThuba Group, uCharmaine Mabuza uthe bayakuthokozela ukunqoba kwalona wesifazane ngoba kuxoxa indaba yalokhu okuyinhloso yabo nge-lotto: ukunika abantu ithemba nrthuba lokushintsha izimpilo zabp zibe ngcono. Kuzithokozisa ukuthi ukubamba iqhaza ekushintsheni impilo yomuntu wesifazane nomndeni wakhe.