Imibono

KUNGENZEKA ULIMELE EMOYENI KEPHA AKUSHO UKUTHI UNQOTSHIWE

EMPILWENI ziningi izimo esibhekana nazo kube nzima. Impilo inezikhathi ezinhle nezimbi. Namuhla ake sikhulume ngokubhekana nezikhathi ezinzima.
Njengamanje mhlawube uyakhala izinto azihlangani. Omunye uphelelwe yitoho kanti omunye uyatoha kodwa uyahlukumezeka emsebenzini. Kunomuntu njengamanje ohlukumezekile othandweni omuye kuphetha ngokuthi aze abulawe ilomuntu amthandayo.

Kuyenzeka wenzele abantu izinto ezinhle bengakubongi nhlobo, kunalokho behambe bekukhuluma kabi. Konke lokhu kuwubuhlungu obuya enhliziyweni. Ziyafika izikhathi lapho obasizile behlangana ngawe bakubophele amanqina enyathi. Uyaba yiqaqa kubantu ungenzanga lutho olubi kubo. Udlula kanjani esimeni lapho imizamo yakho emihle ingabonakali. Ukhuleke kuJehova kuvele kuthuleke kungabi nampendulo. Umqamelo ugcwale izinyembezi ukhala kepha kungaveli usizo nampendulo. Wake wamthanda umuntu engasakuthandi eze akukhombise. Ubelapha kanjani ubuhlungu bokulahlekelwa yikho konke obunakho?

Ziyafika ngempela izimo lapho uJehova kuba sengathi uthule futhi akanandaba nawe. Athule angaphenduli. Kube sengathi uthule izimo zikushisa.
Ngiyazi ukuthi ziyafika lezo zimo kwenye inkathi uzibone ungelutho futhi ungasiboni nesidingo sokuphila. Uthi usebenza imali iphelele ezeni. Uthi uzama ukwenza okuhle kube nguwe ogxekwa kakhulu.

Noma ishisa insimbi yempilo ungalilahli ithemba. Methembe noma isimo singavumi. Njengebhubesi elilimele yima uqine ube nesibindi. Uma ikhona indlela yokudedela into ekulimazayo idedele uqhele eduze nayo. Khulekela amandla okubhekana nezimo nokwemukela lokho ongeke ukwazi ukukushintsha.
Izikhathi ezinzima ziyafika kunoma ngubani. Kukhona ezinye okumele uzamukele uma amandla esekuphelela unxuse uJehova ukuba athathe indawo yakhe. Ukucabanga namandla ethu kukhona la okufika khona esiphethweni kulapho kufanele simnxuse kakhulu uMdali ukuthi angenelele.

Ukuthi izimo zikushayile akusho ukuthi usunqotshiwe. Uma usaphefumula nje isitha asikakakunqobi. Kukho konke zama ukuthi uphile. Mbikele uMvelingqangi noma ngabe awubuzwa ubukhona bakhe ngalesosikhathi. Kepha ungayeki ukuthandaza. Mbize zikhathi zonke.

Kuyaphilisa ukuba nethemba. Ungalilahli ngoba likunika isizathu sokuphila. Uhlala ngokwazi ukuthi kusasa kuzobangcono. Isitha singanethezeka sizitshele ukuthi sesikunqobile kanti asazi ukuthi uMdali wakho uyasebenza. Isondo liyajika jika. Unamandla angaphakathi kuwe futhi ukhaliphile. Ungazibukeli phansi. Kuningi okuhle uJehova akutshale kuwe. Ungabe usaba nosizi. Bheka konke okuhle osekwake kwenzeka empilweni yakho.

Cabanga izimo lapho uzithola uhlengeka noma usinda esimeni esasibeka impilo yakho engozini. Njengoba uphila nje kunenhloso enhle okumele ifezeke ngawe. Qhubeka wenze okuhle futhi ungalindeli lutho kubantu ngoba uzodumala. Zitshele ukuthi uzenzela wena noNkulunkulu wakho. Umuntu wasemhlabeni uyajika.
Bala izibusiso zakho umbonge uMdali ngakho konke okuhle akwenzele khona.

Sengathi imikhuleko yakho ingaphendulwa kufezeke amaphupho amahle empilweni yakho. Noma zifika izivunguvungu ungalilahli ithemba kuzokhanya nakuwe. Lokhu okwenzeka kuwe kumele kube khona okufundayo ngakho. Hlolisisa izinqumo nezenzo zakho ubheke ukuthi azinawo yini umthelela omubi empilweni yakho. Lungisa lapho obona khona ukuthi ungalungisa okwedlula lapho sesethemba umdali ukuthi adlale eyakhe indawo.

Kuzodlula. Qina. Emuva kwesikhashana konke kuyobe sekuwumlando.

Kuze kube ngokuzayo
Boni Mahlinza

*UBoni Mahlinza ungusomabhizinisi, umbhali wencwadi ethi ‘Don’t Die In The Cage’ nomluleki wempilo

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.