EZISEMATHENIIzindaba

AMATHIMBA ETHU KA-ESKOM ASEBENZA NGOKUZIKHANDLA” – DKT. RAMOKGOPA

UNGQONGQOSHE kagesi, uDkt. Kgosientsho Ramokgopa uthi amathimba abhekele ezokusebenza kwa-Eskom asebenza kanzima ukubuyisela amandla kagesi alahlekile.

Uthe unethemba ukuthi isimo sakamuva esiphoqe ukuthi kucishwe ugesi sizoba umlando maduze.

Njengamanje izwe lisesigabeni sesibili sokucishwa kukagesi, nokubangelwe ukuphazamiseka kweziphehli eziteshini zamandla iMajuba, Camden ne-Ankerlig.

UDkt. Ramokgopa ubebika lokhu eseGoli lapho kuqhubeka khona i-G20 Energy Transition Work Group.

“Sigqemeke engeqiwa ntwala. Kodwa sesikwazile ukulungisa iziphehli eziphazamisekile eMajuba, iziphehli ezintathu kwezine ebeziphazamiseke e-Camden sezilungile, kanjalo nase-Ankerlig. Imigqomo ka-desiel esinayo manje ingu-66%, sibheke ukuba sifike ku-70%.

“Enye yezinto engifuna ukuyisho kubantu baseNingizimu Afrika ukuthi ugesi sizowugcina ukhanya, lokhu ngicabanga ukuthi kubalulekile emnothweni wakuleli”, kusho uDkt. Ramokgopa.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.