Imibono

UTAMARA UYAFANA NABAFUNDISI ABATHI ASILALELE ABAKUSHOYO, SINGENZI ABAKWENZAYO

UMA esikufunda ezinkundleni zokuxhumana kuyiqiniso, isenzo sikaTamara wodumo lwezinkulumo ebekuthiwa ziyakha siyafana ncamashi nesenzo sabafundisi abasitshela lokhu kodwa bona bebe benza okuphambene.

Sekuvele ukuthi UTamara lona obezenza ingelosi engenasici akayiphili le nto ayishumayeza abanye abantu besifazane. Sekusabalale amavidiyo nezithombe ezibonisa ukuthi naye akamsulwa nhlobo. Engikulindele nje ukuzwa ukuthi ngabe uzoziphendulela athini ngale mibiko esisabalele ngaye. Yize kuyizinsolo, kungaba kuhle ukuba uTamara aphendule ukuze sizothola elakhe naye isayidi lodaba.

UTamara uzakhele udumo ngokwenza izinkulumo ezigxeka indlela abanye abantu besifazane abaziphatha ngayo uma besebudlelwaneni nabantu besilisa. Ubesengaconsi phansi eningini labantu besilisa njengoba beselimbona njengowesifazane wokuqala ukukhuluma amaqiniso abanye abantu besifazane abangafuni ukuwezwa.

Ukwenza kwakhe lezi zinkulumo kumenze waba nyamanambana kubantu besifazane njengoba iningi labo belibona sengathi uzenza ngcono ngabo. Abanye bebenakho ukumbona njengomuntu odicilela phansi isithunzi sabanye abantu besifazane kwazise ubengawakhethi namagama awakhulumayo.

Kuhle ukukubalula ukuthi okunye abekusho unkosazana lona bekuwakha umqondo futhi kungamaqiniso yize noma bekuhlala kabi kwabanye abantu. Okuvele kwamosha izinto kakhulu ukuthi kanti ugiya ngethambo labanye nje nakuye indlu yegagu iyanetha. Abantu besifazane bakhethe ukuziphindiselela ngokuthi bavundulule izinto ayezenza naye ebumnyameni.

Uma lokhu esikuboniswa ngaye kuyiqiniso, impela ngingasho ngithi uTamara akahlukile naloluhlobo lwabafundisi elisishumayeza ukuba siphile kanjani kodwa bona bebe benza ukungcola ebumnyameni.

Basuke beqinisile abantu abadala uma bethi ngaphambi kokuba ujikijele ithe endlini yomunye, zibheke nawe ukuthi eyakho indlu ayakhiwe yini ngezingilazi.

*Sandile Khumalo ungumbhali wezincwadi zesiNguni, intatheli ezimele futhi wenza izifundo zobuntatheli e-Wits University. Ungaxhumana naye kuleli kheli le-email elithi: sandile.khumalo@macmillaneducation.co.za

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.