Izindaba

UMSOLWA UDLWENGULE OWESIFAZANE IZINSUKU EZIMBILI, WABULALA NOMNGANI WAKHE

OWESILISA oneminyaka engamashumi amathathu nesishiyagalolunye (38) udlwengule owesifazane izinsuku ezimbili, kusukela ngoLwesihlanu ngehora lesithupha (18:00) kusihlwa kwaze kwaba iSonto ngehora lesihlanu (05:00) ekuseni.

Amaphoyisa aphenya icala lokudlwengula nelokubulala kulandela isigameko esabikwa ngomhlaka-23 Nhlolanja 2025.

Kusolwa ukuthi isisulu esineminyaka engamashumi amathathu (30) ubudala sadlwengulwa kuphindelelwa kusukela ngomhlaka-21 Nhlolanja 2025, kuya kumhlaka-23 Nhlolanja 2025 esigcemeni sakwa-E, eBotshabelo.

Lona wesifazane kanye nomngani wakhe oneminyaka engamashumi amathathu nane (34) ubudala baye lapho kuhlala khona umsolwa esigcemeni sakwa-E eBotshabelo, ngemuva kokubathembisa ukuthi uzobaphuzisa utshwala.

Ngemuva kokuphuza utshwala kuthiwa umsolwa unqabile ukuthi baphume endaweni wabe esekhipha ummese wagwaza owesifazane engama-34 obezama ukuphuma. Kuthiwa wabe esephoqa owesifazane lona oneminyaka engama-30 ukuba angene ekamelweni lakhe, wamdlwengula izikhathi eziningi.

Ukwazile ukweqa, wabalekela esiteshini samaphoyisa eBotshabelo ngezintatha zomhlaka-23 Nhlolanja 2025, ngesikhathi umsolwa eyochitha yibhakede lomchamo.

Amaphoyisa aseBotshabelo aphuthume endaweni yesigameko kwathi uma efika esigcemeni sakwa-E, avula ngenkani isicabha, angena endlini athola isidumbu sowesifazane sidindilize phansi; ubenenxeba lokugwazwa ohlangothini lwesokudla entanyeni futhi abasebenzi bezimo eziphuthumayo bathe ushonile.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.