Izindaba

UMSELEKU UBONGE AMAKHOSIKAZI AKHE NGOKUMESEKA EHLASELWE ISIFO SOHLANGOTHI

USAZIWAYO oganwe inqwaba yamakhosikazi asesithenjini, uMusa Mseleku ubhale ekhasini lakhe le-X ewabonga ngokumeseka ngesikhathi ehlaselwe isifo sohlangothi ngonyaka odlule. Kuzokhumbula ukuthi kwesinye seziqephu kwi-season entsha yohlelo lwakhe lukamabonakude Uthando Nes’thembu kuvelile ukuthi kuthe ngoNhlaba 2024 waphuthunyuswa esibhedlela uMseleku exinwe kabi isifo sohlangothi.

UMseleku oneminyaka engamashumi amahlanu ubhale ku-X ebonga amakhosikazi akhe ngokumeseka ngesikhathi exinwe ukugula.

“Ngiyabonga kakhulu kumakhosikazi ami ngokunginakekela ngesikhathi ngisesibhedlela. Nikhokhe imali enkulu ngemishanguzi ebengiyidla futhi namfuna ngisho isenti kimi. Ngithobekile ngesenzo senu somusa. Manje sengiyazi ngaphandle kokungabaza ukuthi ngibusisiwe ukuba nani”, kusho yena.

Esiqeshini sohlelo olusha uMseleke uyakuveza ukuthi wathi eshayela ephuma emzini wakhe wabanjwa ukuthi okwenza kwaba nzima ukuhamba futhi amehlo angavuleka.

Ngesikhathi eya kudokotela wafike waphalaza wabe esephuthunyiswa esibhedlela. Amakhosikazi ayekhathazekile njengoba ubaba wekhaya engasiyena umuntu ovame ukugula futhi wayengakaze alale esibhedlela ngaphambilini.

Isithombe: UMusa Mseleku namakhosikazi akhe

Unkosikazi wokuqala uMaCele wabiza umhlangano ophuthumayo khona esibhedlela namanye amakhosikazi kaMseleku ukuze kuxoxwe ngesimo sakhe.

UMaCele wadalula ohlelweni ukuthi umndeni wabo ubunayo i-medical aid kodwa umyeni wabo wanquma ukuthi beyeke ukuyikhokhela ngoba iyizindleko ezingenasidingo. Ngalesi simo kwaphoqa ukuthi bahlanganise imali ukuze kukhokhelwe izindleko zokulashwa kuka baba wekhaya.

“Ngesikhathi sifikile ukuyombona [esibhedlela] kunesikhathi lapho ayekweqa khona. Udokotela wamhlola wabe esesazisa ukuthi uxinwe isifo sohlangothi esingatheni”, kusho uMaCele.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.