ULINDA SIBIYA OHLELWENI OLUZONGENA KANYE NGEVIKI
SEKUKHULUNYWE kakhulu ngezifiso zabalaleli abaningi boKhozi FM zokubuyela kukaLinda Sibiya kulo msakazo. Sekuphele iminyaka engaphezulu kweyishumi uSibiya axoshwa oKhozini emuva kokutholwa enecala lokukhwabanisela inkampani i-Edcon imali engu-R1.8 million esebenzisa igama le-SABC.
USibiya ufike oKhozini emuva kokulandwa obengumphathi siteshi, u-Welcome ‘Bhodloza’ Nzimande enza izinhlelo zasebusuku futhi eyisibabuli somsakazi ongaconsi phansi kubantu. Nokho udumo, ukuhlonishwa nokusebenzela i-SABC kumngene ekhanda wagcina ekusebenzisela ukwenza izinto ezingalungile. Okhozini uxoshwe ngo-2014 kodwa kuthe ngo-2015 wavela phambi kwenkantolo, i-Specialised Commercial Crimes Unit Court ngecala elithinta ukukhwabanisela i-Edcon.
Phakathi kwezinye izinhlelo azenzile oKhozini olwasekuseni nolwantambama phakathi nesonto.
Ngike ngabona ngesonto eledlule kubhale umethuli we-podcast ethi Podcast, Radio & Stuff uNtokozo Tshapa ngafisa ukukubona kwenziwa Ukhozi FM uma selwenza izinguquqo ngoNdasa.
Kuyaziwa ukuthi imisakazo eminingi yenza izinguquko ngalesi sonyaka. Nakhona oKhozini sekuzwakele ukuthi kunezikhala ezizovalwa kanye nezinguquko ezizokwenziwa kwezinye izinhlelo.
Esifisweni kaTshapa ngiyavumelana naye uma ethi uLinda akafakwe kwi-Top 20 engena njalo ngoMgqibelo phakathi kwehora leshumi nambili emini kuya kwelesithathu ntambama.
USibiya akaseyena umuntu ongamlalela isonto lonke. Safika isikhathi sakhe sedlula. Manje sekuyisikhathi sabanye. Ngiyazi ukuthi kunabasakazi balo Ukhozi FM abamthandayo uSibiya futhi abangancamela ukushiya izinhlelo zabo ukuze kungene yena kodwa iqiniso ukuthi benza kahle kakhulu kuzo, uLinda usedingeka ukuba azwakale kanye ngoba kunenqwaba yolwazi esiludingayo kulezi nhlelo engingaboni ukuthi uSibiya angasinika lona.
Angenza kahle kakhulu ku-Top 20 ngoba vele uwumuntu onesitayela sokumemeza uma esakaza kanti loluya hlelo ludinga umuntu ophapheme vele.
Kungathokozisa ukumuzwa emema osaziwayo nabaculi ohlelweni lwangempelasonto, ekhuluma nabo.
Nakuba sazi ukuthi wajoyina iqembu lezepolitiki (i-EFF) obala kodwa lokho angiboni ukuthi kungavimba ukuba abuyele emsakazweni ngoba bakhona nabanye esibaziyo abangena emaqenjini epolitiki kodwa babuye babuyela emsakazweni.
*Ungaxhumana nomhleli kuleli kheli le-email: editor.umkhaya@gmail.com noma ku-Whatsapp [0795239786]