EZISEMATHENIIzindaba

I-ESKOM YEHLISE UKUCISHWA KUKAGESI

INHLANGANO ehlinzeka ugesi kuleli, i-Eskom isiyehlise ukucishwa kukagesi kusuka kusigaba sesine (4) ukuya kusigaba sesibili (2) ukuqala ngoLwesibili.

“Lesi sinqumo silandela ukulungiswa ngempumelelo kweziphehli ezisiyithupha kwezilishumi kanye nokubuyiselwa kwam-megawatts angu-3 808 kwiziphehli eziphazamiseke ngempelasonto, kanye nokungezwa kwama-megawatss angu-1 146 angeziwe okulindeleke ukuba abuyiselwe ebusuku”, kusho uDaphne Mokwena we-Eskom.

“Njengamanje sifuna ukugcina amandla kagesi angu-7 245MW, lokhu kuhambelana nokumelana nomthamo wangesikhathi sehlobo kanti sifuna ukukwazi futhi ukumelana nesikhathi sehlobo nokuhlangabezana nezimfuno ze-licence,” kwengeza uMokwena.

I-Eskom kulindeleke ukuba inike olunye ulwazi ngoLwesibili ukuthi iluphi olunye ushintsho olubalulekile futhi okumele lulindelwe.

Ngempelasonto i-Eskom imemezele ukucima kukagesi kwesigaba sesithupha (6) ezweni lonke.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com