EZIKAMABONAKUDEIzindaba

UZOVEZA UBUSOKA BAKHE EMDLALWENI ISITHA: THE ENEMY U-DJ FINZO

BASUKE beqinisile uma bethi akukho okungeke kwenzeke empilweni noma isimo sakho singaba njani. Buka nje insizwa esikhulile kodwa enesifo sokungakhuli (dwarfism), u-DJ Finzo ungena kuyo yonke imikhakha emenza avelele empilweni.

U-DJ Finzo ungumklwebhi wamatafula aphinde umsakazi. Kuleminyaka edlule uthole ithuba elimenze wagqama kakhulu emphakathini ngesikhathi eba ingxenye yohlelo i-Giants of the City olukhuluma ngempilo yabo abanto abanesifo sokungakhuli.

Lo-DJ uphinde aziwe ngokulingisa indawo ka-Mr Chuene emdlalweni i-Taxi Ride.

Muva nje kuvele izindaba zokuthi u-DJ Finzo uzojoyina umdlalo waku-eTV, Isitha: The Enemy lapho azobe edlala khona ewuye.

U-DJ Finzo ungena engu-DJ omusha oshisa izikhotha Esihlahleni futhi asazonyakazisa umdlalo ngakho. Kulo mdlalo akuzukugqama nje ithalente lakhe kuphela kodwa kuzobonakala nobusoka bakhe.

UNyiko uzothula u-DJ Finzo kubo bobabili u-Martha noNka bese ngokushesha kuba nosivuthevuthe sento equbukayo phakathi kwakhe no-Martha.

Uma u-Martha azisa u-DJ Finzo ukuthi unothando lokuba u-DJ futhi ufuna amfundise ukwenza lomsebenzi akazochitha sikhathi u-DJ Finzo uzolisebenzisa lelo thuba. Uzipha isikhathi nesineke futhi u-Martha uthola ithuba lokubuka u-DJ Finzo enza adume ngakho bukhoma komunye wemicimbi. Izihlwele zilokhu zinyakaze njalo.

Lokhu kwenza u-Martha achazeke ilo-DJ.

Konke okwenzekayo nokusondelana kuka-Martha no-DJ Finzo bayakubona oNka no-Rebs. Nokho u-Martha uzenza into engekho lapho futhi athi noma ebona ukuthi u-DJ Finzo uyamfuna kodwa azenze into engathintwa. Ngabe lokhu kuzomsebenzela? Buka lo mdlalo njalo phakathi nesonto ngokugamanxa kwehora lesishiyagalolunye kusihlwa (21:30).

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.