Izindaba

UKUFA KUTHATHE INKAKHA EMCULWENI WE-AFRO JAZZ

NAMANJE kusenzima kwabaningi ukwamukela izindaba zokudlula emhlabeni kwenkakha yomculo we-Afro Jazz, uSuthukazi Arosi (osesithombeni). Izindaba zokushona kuka-Arosi ziqinisekiswe okhulumela umndeni uBongani Mahlangu.

Lo mculi ushone emuva kokuxinwa umdlavuza. Lesi sifo isona okubikwa ukuthi bese simxine isikhathi eside kangangokuthi umndeni wakhe uze wacela umphakathi ukuba ufake isandla ngezindleko zokumelapha.

U-Arosi ozalwa esifundazweni, i-Eastern Cape, kuCala uhambele amazwe amaningi kuhlanganisa kuwo i-USA, UK, Germany, Holland, France, Portugal nase-Singapore.

Bese kuphele iminyaka engamashumi amane (40) esendimeni yomculo, kanti usebenze nezinkakha ezifana no-Caiphus Semenya, Letta Mbulu, Jonas Gwangwa, Miriam Makeba kanye no-Hugh Masekela

U-Arosi oshone eseneminyaka engamashumi ayisithupha nane (64) ubedume ngezwi lakhe elinamandla kanye nezingoma ezifana nethi We Mnt’ omnyama, Igazi lendoda, Abafazi Balelali, Abelungu.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.