USESABISE NGOKUDEDELA AMANYE AMAVIDIYO ASE-ZANZOU BAR OBENGUNOGADA
UMLISA obengunogada endaweni yokujuxuza eseGoli, i-Zanzou Bar & Night Club usesabise ngokudedela amanye amavidiyo maduze akhombisa ukuhlukunyezwa kwabantu obekwenziwa onogada kuleya ndawo. Lo mlisa ozibiza ngoPablo ezinkundleni zokuxhumana utshele abalandeli bakhe ukuthi uyena odedele ividiyo esisabalele ezinkundleni zokuxhumana lapho kushaywa futhi kudlwengulwa abafana obekusolwa ukuthi baphuze utshwala bangabukhokhela.
Laba fana bavela kulevidiyo benqunu beshawa kanzima nokuyisenzo izinhhlangano eziningi esezisigxekile.
Lo mlisa oveze ukuthi ubengunogada iminyaka eyisikhombisa (7) kule ndawo esePitoli utshele abalandeli bakhe ukuthi ziningi izigameko zokuhlukunyezwa kwabantu azibonile, ebenzeka e-Zanzou Bar & Night Club. Uthe unama-video angamashumi ayisikhombisa nanhlanu (75) ahlela ukuwadedela ezinsukwini ezizayo.
“Ngizofaka ividiyo ngayinye, futhi ngifake imininingwane ukuthi kwakwenzakalani. Ngizofaka izithombe eziwubufakazi ukuze nizibonele konke ukuthi kwakwenzakalani”, kusho yena.
Uthe uyazi uyafuneka. “Ngiyazi ukuthi kumanje labantu bayangicinga, bathembise ukungibulala. Bathembise ukwenza into embi kimi kodwa okufanele nikwazi mina ngizokwenza okufanele. Ngizoveza onke amanyala abenzeka kuleya ndawo”, kusho yena.
Ngokusho kwalo nogada, amakhamera ayengavunyelwe ukusetshenziswa ngesikhathi kwenzeka lezi zigameko kodwa yena wakwazi ukuqopha konke okwakwenzeka bengaboni. Uthe umakhalekhukhwini wakhe wayewufihle entanyeni ngesikhathi uqopha.
“Ngangenza sengathi ngiyabashaya nami [ngibe ngiqopha busithe] ngoba ngangingeke ngikwazi ukuqopha bebona kuleya ndawo ngoba kwakungavunyelwe. Ngiyazi ukuthi wonke umuntu uthukile ukuthi ngiwathole kanjani lamavidiyo. Nginenqwaba, bangasho noma yini abayithandayo kodwa ngizoveza konke. Laba bantu bangosathane”, kusho yena.
Uthe uma izisulu ziyovula amacala esiteshini samaphoyisa esiseduze amacala aphelela emoyeni ngoba abasolwa baxhumene namaphoyisa. “Laba bantu basebenza namaphoyisa. E-Sunnyside, Brooklyn onke amaphoyisa angaphansi kwabo. Bakhokhelwa umphathi bese uma uvula icala, ubopha i-Zanzou licishwe”, kusho yena.
Beziphendulela abaphathi base-Zanzou Bar & Night Club ngokusabalala kwividiyo eyenzeke endaweni yabo bathe bayazi ngayo futhi onogada okuyibo abenza lokhu sebabaxosha. Baqhubeke bathi kunomuntu onguMnuz. Herve oke wazama ukuthi bamnike imali ukuze angayizeza levidiyo kodwa banqaba ukumnika imali.
Nokho unogada ozibiza ngoPablo uthe yena akaze axoshwe kuleya ndawo waziyekela emuva kokuhola umholo wakhe wokugcina futhi unobufakazi bokuthi ugcine nini ukukhokhelwa. “Bengisemcimbini wabasebenzi ngaphambi kokuthi sivale, nginabaphathi. Nginevidiyo, nginobufakazi bokuthi ngigcine nini ukukhokhelwa. Yonke into abayibhale kwisitatiemende ingamanga. Ngayeka ukubasebenzela, iyona ndlela abasebenza ngayo le, bazokwenza isiqiniseko ukuthi bayakubulala”, kusho yena.
Kubikwa ukuthi abasolwa abathathu abavela kulevidiyo esidumile bavule icala esiteshini samaphoyisa esise-Brooklyn. Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke, u-Brigadier Athlenda Mathe uthe amaphoyisa asahlola ukuthi imaphi amacala abangavulelwa wona abasolwa okubalwa elokushaya, ukudlwengula, ukuhlukumeza, ukuthumba namanye.
“Ofakazi nalabo okungenzeka babe nolwazi ngokwenzeka bayagqugquzelwa ukuba beze ngaphambili ukuze besize ophenyweni lwamaphoyisa”, kusho u-Brigadier Mathe.