EzosaziwayoIzindabaUmculo

UPHIKA EYE ‘PAYOLA’ UKUZE KUDLALWE UMCULO WAKHE EMSAKAZWENI U-CASPER NYOVESST

UBHEKANE nengwadla umculi wakuleli uRefiloe ‘Casper Nyovvest’ Phoolo emuva kokuba ebhale ku-X ejabulela ukuhlala kwengoma yakhe asanda kuyikhipha endaweni yesine ohlwini lwezingoma ezidlalwa kakhulu emisakazweni yakuleli olukhishwa i-Radio Monitor (RAMS). Uthe eqeda kufaka lo mbhalo kwabe kubhala umlandeli othe usizwe i ‘Payola’ – okuyisenzo esidumile sabaculi sokukhokhela imisakazo ukuze idlale umculo wabo.

U-Casper usanda kudedela ugesi wengoma ethi ‘Kusho Bani’ ebonakala ithakaselwa abantu abaningi nokungangabazeki ukuthi isazohlala endaweni yokuqala kuma-chart shows njengoba idlalwa ubuthaphuthaphu emsakazweni.

Isithombe: Uhlu lwe-Radio Monitor oluveza izingoma ezihamba phambili ngokudlalwa emisakazweni

Ngesikhathi lo mlandeli esolwa u-Casper ngokukhokhela ukuthi kudlalwe kudlalwe umculo wakhe emsakazweni uphendule ngokushesha wathi: “Mina? iPAYOLA? Ngabe nginezingoma ezingu-40 ezingonombolo 1, nginawo onke amandla okwenza lokho kodwa ngisahlale kanye kunombolo 1 impilo yami yonke. Lokho kufanele kukutshele okuthile”, kusho yena.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com