UPHIKA EYE ‘PAYOLA’ UKUZE KUDLALWE UMCULO WAKHE EMSAKAZWENI U-CASPER NYOVESST
UBHEKANE nengwadla umculi wakuleli uRefiloe ‘Casper Nyovvest’ Phoolo emuva kokuba ebhale ku-X ejabulela ukuhlala kwengoma yakhe asanda kuyikhipha endaweni yesine ohlwini lwezingoma ezidlalwa kakhulu emisakazweni yakuleli olukhishwa i-Radio Monitor (RAMS). Uthe eqeda kufaka lo mbhalo kwabe kubhala umlandeli othe usizwe i ‘Payola’ – okuyisenzo esidumile sabaculi sokukhokhela imisakazo ukuze idlale umculo wabo.
U-Casper usanda kudedela ugesi wengoma ethi ‘Kusho Bani’ ebonakala ithakaselwa abantu abaningi nokungangabazeki ukuthi isazohlala endaweni yokuqala kuma-chart shows njengoba idlalwa ubuthaphuthaphu emsakazweni.

Isithombe: Uhlu lwe-Radio Monitor oluveza izingoma ezihamba phambili ngokudlalwa emisakazweni
Ngesikhathi lo mlandeli esolwa u-Casper ngokukhokhela ukuthi kudlalwe kudlalwe umculo wakhe emsakazweni uphendule ngokushesha wathi: “Mina? iPAYOLA? Ngabe nginezingoma ezingu-40 ezingonombolo 1, nginawo onke amandla okwenza lokho kodwa ngisahlale kanye kunombolo 1 impilo yami yonke. Lokho kufanele kukutshele okuthile”, kusho yena.