EZISEMATHENIIzindaba

KUTHIWA UKE WAKOTIZA EBUKHOSINI BAKWASIKHAKHANE OZOBA UNDLUNKULU WESILO

OSIBHINCAMAKHASANE sebeveze ukuthi intokazi elinganiselwa eminyakeni engamashumi amabili (20) ubudala okuvele ukuthi izoba ngundlunkulu weSilo, uMisuzulu KaZwelithini ike yaba ngumakoti ebukhosini bakwaSikhakhane. Ngokuthola koMKHAYA le ntokazi ingunina wengane yeNkosi yakwaSikhakhane.

Indlovukazi uSihle Mdluli ongowasesifundazweni iMpumalanga kunemibiko ethi izalwa ebukhosini bakwaMdluli kanti bese kuphele amasonto amabili ihlala ezigodlweni zeSilo.

Lowo omele ISilo endlini yabaholi bendabuko esifundazweni saKwaZulu-Natali, uMntwana Gumbela Zulu ukuqinisekisile ukuthi indlovukazi yayikhona emkhosini osanda kwenziwa wokweshama eMashobeni, enyakatho yesifundazwe. Kuthiwa futhi ngaleso sikhathi wethulwa endlunkulu.

“Ngingakuqinisekisa ukuthi ISilo sinondlunkulu omusha, oyindlovukazi ephuma emndenini wasebukhosini oseMpumalanga”, kusho yena.

Ikhuluma nabezindaba iNkosi M.I. Mdluli yakhona eMpumalanga ithe izingxoxo mayelana nondlunkulu zisesigabeni esiphezulu nokho ayithandangana ukwenaba kabanzi ngalolu daba.

Kuzokhumbuleka ukuthi kuvela lezindaba nje kuningi okwenzeka endlunkulu njengoba kuhlehle umshado obekumele ube ngoMasingana phakathi kweSilo nondlunkulu wesithathu, uNomzamo Masesi Myeni. Ngakolunye uhlangothi undlunkulu wokuqala, uNtokozo Mayisela uphikelele enkantolo eyomisa umshado kaMaMyeni neSilo ebeka ukuthi uyena okumele awubusise.

Sekusele izinsuku kufike usuku lo mshado weSilo noMaMyeni kuvele kuphutshuke incwadi ebibhalwe ISilo ibheke kumqondisi jikelele esifundazweni saKwaZulu-Natali simyalela ukuba ahoxise ngokushesha uhlelo lwezokuphepha obeluzohlinzekwa uMaMyeni.

Izazi zezamasiko ziphawulile ngesiga sokuhlehla komshado weSilo. USolwazi Musa Xulu waveza ukuthi akuyona into eyenzekayo ukuba umshado uhlehle futhi akubukeki oweSilo usazoqhubeka.

“Njengoba kusho isisho sesiZulu ukuthi umshado awuhlehli, akubukeki usazobakhona lona”, kusho uSolwazi Xulu.

Kuthiwa ISilo sajuba ithimba lasendlunkulu kaZulu ukuba liye emzini wakwaMyeni nenkomo ngenhloso yokushweleza ngechilo lokuhlehla komshado.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.