Imibono

THATHA ISINYATHELO SOKUQALA EMPILWENI

UHAMBO lwamamayela amaningi luqala ngegxathu elilodwa. Umqondo wethu unamandla okukhiqiza imicabango eminingi ngosuku. Kukithi ukuthi sikhetha miphi.
Ake ucabange kuyilolu suku eminyakeni emihlanu ezayo. Uvuka ekuseni ubheka impilo yakho. Ngabe uyobe ujabule ngayo? Lukhona ushintsho oluyobe lukhona uma uqhathanisa nemanje? Yini ozobe sewuyizuzile? Yini ozobe sewunayo?

Ingabe uyobe sewuziqhenya ngokwenzile?. Uma kuwukuthi impilo yakho izobe isafana kuyobe kusho ukuthi kawuhlelanga kahle futhi kawukhuli.

Yebo ngiyavuma bakhona abathakathi nonhliziyombi abamele ukuvimba izindlela zakho eziya empumelelweni. Noma kunjalo ngifisa ukukukhumbuza ukuthi impi uqala ngokuyinqoba emqondweni bese ufezekisa lokho ezenzweni zakho. Kuyokwenzeka unqobe noma unganqobi kepha yehluleka ulwile. Ungahluleki ukuzama.

Lezo zibopho, izifungo neziqalekiso ziyogqashulwa nguwe. Umqondo wakho unamandla kakhulu ngoba ugxila kulokho okholelwa kukho. Uma wena usuvumile wakholwa ukuthi uyathakathwa, uyahlupheka futhi unamabhadi kuzokwenzeka kanjalo.

Noma zikhona lezo zinto uzazi, okubalulekile ukuthi ungavumi zilawule umqondo wakho ngoba zizokubambezela futhi zakhe inzondo nomona.

Endleleni eya empumelelweni awuhambi uma ujikijela yonke inja ekukhonkothayo. Njengasempilweni uqobo uke uthi uhamba ukhonkothwe yinja ezethuselayo, enye uthole ukuthi ingaphakathi egcekeni elibiyiwe okanye iboshiwe. Qhubeka nendlela uye phambili ungachithi isikhathi ngalezo zinja aziyona ingozi kuwe. Qaphela kuphela inja ezokuluma. Kanjalo nezimo zempilo. Ezinye akumele uzikhathaze ngazo.

Impilo kumele iqhubeke ngoba neminyaka ayimile. Thatha isinyathelo sokuqala. Qala! Qala bo! Isikhathi asimile.

Ezinye izinto azidingi ukuthi uzihlehlise kakhulu. Uma uthi ngizokwenza kusasa kungenzeka ukusasa uthi ngesonto elizayo, ngesonto elizayo, uthi ngenyanga ezayo ugcine sewuthi sengiyobona kahle ngonyaka ozayo. Okuyolandela lapho kuyoba ukuzisola. Kuhle uvele uqale.

Kwenze ngisho uzwa ukuthi akuvumi. Vuka uzithathe. Kuyasiza nokubhala phansi izinto ofuna ukuzenza. Bese njalo ekupheleni kwenyanga uhlale nawe phansi ubuke ukuthi kukhona yini okwenzile. Bese uhlelela inyanga ezayo.

Thatha igxathu lokuqala entweni oyifisayo. Mhlampe bewufisa ukubeka imali. Qala manje. Mhlampe bewufisa ukuqala ibhizinisi, qala manje ufune ulwazi bese uyenza. Ziphathe kahle emsebenzini okanye esikoleni.

Yehluleka uya phambili. Lamaphupho onawo akekho ozowafeza ngaphandle kwakho. Sukuma uzame. Ungathembeli kakhulu kubantu bomhlaba ngoba abakukweleti lutho. Kuzokwenzeka nalabo obathembile bengakusizi. Ungumnqobi. Wadalwa ngenhloso yokufeza okuthile kulomhlaba. Gijima elakho ibanga. Ungaziqhathanisi nabantu. Lwela ukuthi ubengcono kunobuyikho ngonyaka odlule. Amandla kawalingani futhi nguwe owazi kancono imuva lakho. Izingane zakho ziyokubuza ngelinye ilanga ukuthi wawenzani emhlabeni. Kungcono zazi ukuthi nawe wawuzama empilweni.

Ungakhohlwa ukumethemba uJehova noma izimo zinjani. Thatha igxathu lokuqala kunoma yini ofisa ukuyenza okanye ukuyizuza. Yenza isinqumo khona namuhla ngozokwenza ukufezekisa amaphupho akho.

Izinqumo ozithathayo ngempilo yakho namuhla, uzophila ngemiphumela yazo ngomuso. Namuhla ngifisa ukukukhumbuza nokuthi kunabantu ababukela kuwe ongabazi. Ungabaphoxi ke ngokwenza kabi.

Abanye bavuselelwa ukubona indlela oqine ngayo nonqoba ngayo izinselelo. Bakhona futhi nalabo abalindele ukukubona uhluleka. Labo ke banqobe ubathulise ngempumelelo yakho. Isikhathi esiphila kuso esokwenza kakhulu ukhulume kancane. Qala kancane, kancane uzowubona umehluko.

Ungahlali njalo uxoxa ngezinto ofisa ukuzenza kodwa ungenzi lutho ngazo. Ukuhamba ufune ulwazi ngaleyonto kuyisinyathelo sokuqala. Ukuzinqumela isikhathi ukuthi uzoqala nini nakho kuyisinyathelo. Akugcini lapho, qhubeka wenze koze kulunge.

Ngikufisela izinsuku ezinhle namandla okuphokophela phambili nempilo.

Kuze kube ngokuzayo.
Boni Mahlinza

*UBoni Mahlinza ungusomabhizinisi, umbhali wencwadi ethi ‘Don’t Die In The Cage’ nomluleki wempilo

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.