EZEMFUNDOImibono

UMTHETHO UYALA UKUBA OTHISHA BASABALALISE IZITHOMBE ZABAFUNDI

NGOKOMTHETHO wezwe iNingizimu Afrika, akekho umuntu ovumelekile ukuba athathe isithombe noma i-video yomntwana noma yomfundi ngaphandle kwemvume yomzali noma yomuntu ogade lowo mntwana ngokusemthethweni. Kuba icala elibi kakhulu uma lowo muntu ezothatha leso sithombe noma i-video ayisabalalise ezinkundleni zokuxhumana, ikakhulukazi uma lowo mfanekiso ululaza isithunzi salowo oshuthiwe.

Ngokunjalo-ke, othisha abavumelekile nhlobo ukuba bathwebule izithombe noma ama-video abafundi abasuke bebafundisa, ngenhloso yokusabalalisa imifanekiso leyo ezinkundleni zokuxhumana, ikakhulukazi uma labo bafundi besesemabangeni aphansi bengakakwazi nokuzikhulumela. Kukaningana sibona ama-video ezingane zesikole zishuthwa izinto ezihlukene emakilasini zisatshalaliswa ezinkundleni zokuxhumana ezifana noTikTok, Facebook nezinye. Iningi lalama-video asuke ebonisa izinto omunye umuntu angazibuka njengezilulaza abantwana noma abafundi. Ngiyethemba-ke kodwa ukuthi labo abasuke bethathe leyo mifanekiso bayayicela imvume ngaphambi kokuyisabalalisa.

Njengoba bekuqala unyaka nje, sibone inqwaba yama-video ezingane zesikole ebezithwetshulwe zikhala ngenxa yokusaba ukuyoqala esikoleni. Engizibuza khona ukuthi ngabe batshelwa yini abazali bezingane noma nabo babona izingane zabo sezigcwele ezinkundleni zokuxhumana. Okubuhlungu kakhulu ukuthi amanye ala mavidiyo abeshuthwa abantu okuyibo okufanele bafikele abafundi noma abantwana futhi engilindele ukuthi bazi ukuthi kuyicala abakwenzayo.

Njengoba ngike ngasho ngaphezulu, ukushutha umntwana ngenhloso yokusabalalisa leso sithombe kudinga ukuthi ube nemvume. Awukwazi ukuvele usisabalalise nje ungavunyelwe ngoba abazali balowo mntwana banelungelo lokukuvulela icala.

Lokhu akusho ukuthi othisha ngeke bakwazi ukwenza amavidiyo afundisayo noma akhayo. Okubalulekile ukuthi bazi ukuthi yini okufanele bayenze uma bethatha lawo ma-video noma izithombe. Okunye abangakwenza ukuthi bangavezi ubuso babantwana uma bebashutha ikakhulukazi uma isimo ababashutha kuso singesihle.
Ngiyethemba ukuthi lesi sexwayiso angeke sigcine kothisha kuphela kodwa sizophinde sibe isifundo emphakathini wonkana. Ngiyazi ukuthi sesiphila esikhathini lapho sihlale sicuthe khona ngomakhalekhukhwini bethu ngenhloso yokuthwebula noma ngabe yini ukuze sizokwenza ngayo i-content. Ngakho ke kuhle futhi ukuba sazi siphinde sizifundise ngokuthi yini engasifaka enkingeni ngokwenza lokho.

Ngaphandle nje kokuthi kuyinto engeyinhle ukubukisa ngabantwana kuyicala ukumthwebula umphoste ngaphandle kwemvume yakhe.
Masidlalele kude nabantwana sihloniphe amalungelo abo ngaso sonke isithathi.

*Sandile Khumalo ungumbhali wezincwadi zesiNguni, intatheli ezimele futhi wenza izifundo zobuntatheli e-Wits University. Ungaxhumana naye kuleli kheli le-email elithi: sandile.khumalo@macmillaneducation.co.za

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.