EZEMISAKAZOImibono

INTATHELI EGXEKE ULINDA SIBIYA KU-PODCAST AYINAPHUTHA

KADE ngibuka inkulumo yentatheli, uSimphiwe Dlamini kwi-podcast eyenziwa zinsizwa ezimbili, uNtokozo Tshapa no Ntobeko Khuluse, i-Podcast, Radio & Stuff. Lapha bebexoxa naye ngempilo yakhe nangeqhaza lakhe emkhakheni wezindaba kanye nomsakazo.

Kule nkulumo kunesigamu lapho abeqhathanisa khona owayengumsakazi woKhozi FM, uLinda Sibiya kanye uVukani ‘Chill M’ Masinga.

Uchaze uSibiya njengomuntu ongenalwazi alunika abalaleli nomuntu ongenayo into ehlukile eyenza umlaleli angashintshi isiteshi uma emlalele. Nakuba esethole ukugxekwa uDlamini kodwa mina ngiyavumelana nombono wakhe.

USibiya ubewumsakazi woKhozi FM othandwayo nojatshulelwayo abantu, kodwa akukho okumenza abe umsakazi ohlukile kwabanye ngaphandle kwezwi lakhe elibhodlayo. Ngicabanga ukuthi abantu bebemthandela lokho nezisho abezimemeza emoyeni eziphindaphinda.

UDlamini uze wenza isibonelo ngamagama abejwayele ukuwasho uma esemoyeni, njengalawa athi ‘Nswemperi’ nelithi ‘Zaka Zaka’.

Alikho iphutha ukuthi uDlamini ubeke lombono futhi ubengaqambi wona amanga. Ngokwami ube nesibindi sokukhuluma iqiniso. Sengizwe abantu abaningi bethi bafuna uSibiya abuyiswe oKhozini kodwa okuxakayo bebengamlaleli kuleziteshi asakaze kuzo esexoshwe Ukhozi FM. Uke wasakaza uhlelo lwasekuseni kuVuma FM kodwa akukho mahluko awenza obonakalayo, wagcina ngokuhamba. Uma ewumsakazi owuqweqwe kwadalwa yini ukuthi uhlelo lwakhe lungakhuli.

Ngizwile ukuthi uDlamini usolwe uSibiya ukuthi ubeya kuloluya hlelo ukuyomcokofula, kodwa mina angiboni kanjalo ngoba akukho akushilo okungamanga.

Kuningi okuhle akwenzile uSibiya, esiza abantu nokunye okuningi kodwa kuyiqiniso ukuthi uhlelo lwakhe belungavuthiswa ukunika abantu ulwazi kodwa bekuba umsindo nje abewenza. Ekugcineni sithanda izinto ezingefani bakhona abalaleli abebechazwa ilokho kodwa ngeshwa kunabalaleli abafuna ukuzwa izinto ezintsha emsakazweni abebengazitholi kuSibiya.

Ngakho umbono kaDlamini awunaphutha. Abaningi bebengaphuthwa izingosi zikSibiya zamazwi agqugquzelayo kodwa leyonto itholakala kuyo yonke indawo, futhi yena ubehlezi ekhuluma ngento eyodwa engasungulwangwa uye ethi ‘It’s not over until God says it’s over’. Labo abagxeka uDlamini abamxege.

*Ungaxhumana nomhleli kuleli kheli le-email: editor.umkhaya@gmail.com noma ku-Whatsapp [0795239786]

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.