UBUMBANO LUNGAMANDLA
INGAWE lento munt’ omusha, isiZulu sithi inkunzi isematholeni. Okugcizelela ngokusobala ukuba abaholi bakusasa abazophatha lelizwe bakuyona intsha kanjalo nabalandelayo ngezizukulwane nezizukulwane. Impumelelo nokuthuthuka kwezwe kulele ezandleni zethu.
Ukuphucuka kwezwe ukuphucuka kwethu, kepha sizokufezekisa kanjani lokhu singabambisene sihlakazekile? Imiqondo emibili yenza umehluko omkhulu kunomqondo omunye, ingakho kusemqoka ukuba sincintisane ulwazi akukhathalelekile ukuthi lungakanani, siphinde sesekane sehlise ukubukelana phansi.
Yebo kuyiqiniso khona ukuthi abantu abaningi abasebasha ukubumbana into abangayijwayelanga, bayakwazi ukuzimela bebodwa bezenzele izinto abanye kuyabahlula sidalwa ukusebenzisana nabantu kepha okuseqinisweni sihlangene phezulu phansi singamahele. Ngingeke ngisho ukuba singogombela kwesabo kepha sekuwumqansa ukukhipha ulwazi noma ukusiza omunye umuntu uma edinga izeluleko ngento ezomunika inqubekela phambili empilweni.
Sesajabulela okuningi okuza ngakuthina, sekwabusa yona impande yesono okuyiyona eqhakambiswa phambili mekumele kuphume okuthize okungasiza omunye muntu aqhakambe.
Masingayibheka ngelinye iso lendaba imbangela yalokhu kungabambisani isukela kakhulu enzondweni nasekudlelaneni umona singabantu abasha kanti ilapho sidingana khona kakhulu ngoba ngeke wazi konke futhi angeke uhlezi uyinkomo edla yodwa. Umuntu ngumuntu ngabantu.
Impilo ingaba ncono kuwona wonke umuntu omusha mangase sifunde ukubambisana thina sicobelelana nangolwazi olusemqoka kungabi ukuthi hleze sidudana ngemiqondo engalungile kuphela.
Kule mikhakha yezemfundo, imisebenzi kanye nokuphatha imali masigxile kakhulu kuyona ngokusizana akubona bonke abantu abaziyo ukuba imiphi imikhakha elungile ukuba bengayithatha emfundweni ephakeme ezobavulela amathuba omsebenzi. Akubona futhi bonke abantu abanamaselula ohlobo oluphezulu ukubheka imisebenzi okanye ulwazi lokuthi bangayithola kanjani leyo misebenzi bafake nezicelo.
Ukuphatha imali kuyinto eyinselelo kakhulu uma sesibheka kumuntu omusha ngenxa yezifiso esinazo empilweni, lena yenkece iyabadinga nabantu abaqeqeshiwe kwezokululeka.
Sengiphetha masibambane sibe munye bantu abasha, konke kuyenzeka mesibambisene. Amagqubu, umona nezinye izithiyo ongahle ube nazo ezingakuvimbela ukuba ubonise ukweseka omunye umuntu masizibeke eceleni sakhe isizwe esiphilayo esiyimbumba, konke kuqala ngawe.
Masihlangane sibe munye zingane zakwethu
Kuloba uMthetheleli Meyiwa
Imibono kaMthetheleli Meyiwa izimele, akubhalayo kulengosi kuyimicabango yakhe kanye nakubonayo empilweni nsukuzonke