U-CASSPER USEKHIPHE ISIVUTHEVUTHE SENGOMA ETHI ‘KUSHO BANI’
UMCULI we-Hiphop kuleli, u-Cassper usegcine eyikhiphile ingoma eyi-single ebilindelwe ngabaningi ethi Kusho Bani. Abalandeli balo mculi bebemagange belinde le ngoma osekukhulunywe ngayo isikhathi eside.
Le ngoma izwakala izothakaselwa kakhulu njengoba kwaziwa ukuthi u-Cassper akadlali nezingane uma ededela umsebenzi.
Ngendlela ehlanganiswe ngayo izinsimbi kanye namazwi ikushiya ukhathele ngesitayela aziwa u-Cassper emculweni futhi akungatshazwa ukuthi izodlisa ezindaweni eziningi kuleli nakwamanye amazwe.
Kade abantu belindele umculi omusha ovela ku-Cassper ngakho wenze isiqiniseko sokuthi uyakuqeda ukukhuluma njnegoba lona kungumsebenzi wakhe wokuqala kuo nyaka. Uke wabhala ekhasini lakhe ku-X etshela abalandeli bakhe ukuthi usazoba matasa kakhulu.
“Kulo nyaka ngizoba matasa kakhulu. Ngifuna igama lami livele kuma-charts!!! Lungani kusazoba mnandi!!!”, kusho yena.
Le ngoma yakhe ethi Kusho Bani ubeseyiphushe kakhulu ezinkundleni zokuxhumana ingakaphumi u-Cassper, kakhulu ku-Tiktok njengoba inesitayela somdanso esihambisana nayo. Lesitayela sithandwe abaningi njengoba bebonakala besenza bebe bedansela le ngoma. Lo mculo wodumo lwengoma ethi Doc Shebeleza ugcina ethembisa ukukhipha imali engu-R10 000 ngomdanso ozohamba phambili, nokwenze kwaqala phansi ukudanswa kwesitayela esifike nayo.
Uma ungakayizwa le ngoma ethi Kusho Bani, ulindeni? ungayilalela ngobuchwepheshe kuzo zonke izinkundla zomculo. Ucabangani? Ungazama nawe ukuyidansela njengabanye ngesitayela sayo esesiwusandanezwe uzihambele no-R10 000.
Umbhali walolu daba uyilalele le ngoma, naye wachazeka kakhulu nge-chorus ethi ‘Pe pe pe kusho bani? Kusho wena? Usalelani, samba sonke‘. Phakathi kuyo kubuye kuzwakale ingxoxo nomuntu ongasikhulumi kahle isiZulu kubangwa umuntu wesifazane.