Imibono

ABAMAQEMBU APHIKISAYO EMANDENI ABAFUNDE OKUTHILE NGOBUHOLI BUKA MABHIDA

KUTHUSE abantu abaningi ukuzwakala kwezindaba zokudutshulwa kubulawe ikhansela laku-ward 18 kumasipala waseMandeni, uMnuz. Phendukani ‘Phe’ Mabhida. Okwenze lesi gameko sathusa ukuthi bese kuyisikhathi eside kugcine ukubulawa kwabantu bezepolitiki kule ndawo, nakuba kufiwa nsuku zonke.

Kuyaziwa ukuthi lapha kuMkhaya asizibhali ezithinta ipolitiki futhi asizukuqala manje kodwa akuvumi ngingaphawuli ngalolu daba futhi nonembeza wami uyangilahla, iwona othi ngithuleleni.

Empeleni angifuni khona ukugxila kwipolitiki yamaqembu nokuthi uMnuz. Mabhida ufe kanjani, kodwa ngifuna ukuphawula ngezigameko ezivelayo neziholele kokusoleka njengesizathu sokubulawa kwakhe. Emibikweni yabezindaba kulokhu kuvela ukuthi uMnuz. Mabhida ubenesibindi futhi engathuli emihlanganweni yamakhansela uma ebona kunezinto ezingahambi kahle kumasipala. Nakwisitatimende esikhishwe ihhovisi lezokuxhumana kumasipala waseMandeni imeya, uMnuz. Thabani Mdlalose ikushilo ukuthi uMnuz. Mabhida ubengathuli uma konakala. “Sibuhlungu kakhulu ngokwenzekile, ukhansela uMabhida ngomunye wamakhansela obehleze ebeke eqhulwini izimfuno zamalunga omphakathi wakhe. Ubengathuli konakala, ubehleze enza isiqiniseko sokuthi uyawubeka umbono wakhe”, kusho imeya uMnuz. Mdlalose.

NgoLwesihlanu ngibone incwadi okuthiwa ibhalwe uyena uMnuz. Mabhida ngaphambi kokuba abulawe ngesihluku. Kule ncwadi uveza izinto ezishaqisayo ngabanye ozakwabo eqenjini lakhe, abamsola nangokuba ngelinye iqembu eliphikisayo emkhandlwini, ngakho njalo belu ukuthi ‘akathuli’. Kuningi akubhalile kuyo okubalwa ukucela ukuhoxiswa ukuba ingxenye yemihlangano yamakhansela ngoba ozakwabo eqenjini abaneme ngezinto azivezayo. Ukhulume ngokuqashwa kwabantu abangawuqeqeshelwe umsebenzi nokukhishwa kwemisebenzi ezinkampanini ezingafanele. Ngalokho abaningi basola ukuthi iyona le ncwadi emdonsele amanzi ngomsele. Alale ngoxolo u’Phe’, besimazi kanjalo.

Kukho konke lokhu mina ngizibuza ukuthi amakhansela amaqembu aphikisayo kumasipala waseMandeni wona abekuphi uMnuz. Mabhida enyakazisa ozakwabo eqenjini lakhe uma ebona kwenzeka izinto ezingalungile.

Okuningi akwenzile emkhandlwini uMnuz. Mabhida bekuwumsebenzi wamaqembu aphikisayo. Imibuzo okuvela ukuthi ubeyibuza kuyabonakala ukuthi bekumele ibuzwe abamaqembu aphikisayo, ingakho omunye uzakwabo embiza ngelinye iqembu elikuwo lomkhandlu. Nokho ubenesibindi sebhubesi kwazise usemusha kulo mkhandlu njengoba engene ngo-2021 emuva kokhetho lokwamuva lukahulumeni wasekhaya.

Uma uzibukela nje ukude ubungamfanisa nosotswebhu wamaqembu onke aphikisayo emkhandlwini ngenxa yokuthi akukho abefuna kumbozwe. Encwadini ayibhalile uyasho ukuthi ukuhhahhamezwa uzakwabo phambi kwamanye amakhansela ukuthatha njengokwehliswa isithunzi kanye nokudelelwa. “Kusho ukuthi kufanele ngiseke ukwenza okungalungile ukuze ngivikele abazuza ngenkohlakalo”, kusho yena.

Ziningi izinselelo ezibhekene nabantu emiphakathi yakithi; okuwububha, ukungalingani nokuntuleka kwamathuba emisebenzi kodwa izenzo zenkohlakalo ezenziwa abasemandleni zibambezela yonke imizamo yokulungisa lokhu. Ngakho abaholi abafana noMnuz. Mabhida baseyithemba emiphakathini futhi bayakuqonda abakumele kuhulumeni.

Inkulu indima ebekelwe ukuba idlalwe abaholi bamaqembu aphikisayo ukwelusa labo abaphethe uma kubonakala izikhisi ekusebenzeni kwabo.

Amaqembu aphikisayo anomthwalo wokusebenza njengabaqaphi bomphakathi, abheke konke okungalungile okwenziwa iqembu elisuke liphethe emkhandlwini. Lokhu kuhlanganisa ukubuza imibuzo eqinile, ukubeka imibono eyakha imigomo ethuthukisa imiphakathi, nokuhleze njalo eziveza njengesixazululo ezinkingeni ezikhungethe abantu ababaholayo. Uma kungenzeki konke lokho akunasizathu sokuba khona kwawo.

Ukuthula kwawo engabi nagalelo elibonakalayo, kuze kusize abaholi beqembu elibusayo abangazwani no ‘doti’ kushiya imibuzo ngawo. Alikho iqembu engiphuma nalo iqhubu kodwa ngiwabala onke.

Lapha inhloso ukwakha, ngakho nginalo ithemba lokuthi impilo nesikhathi sikaMnuz. Mabhida emkhandlwini waseMandeni kuzoba isifundo kwabanye ozakwabo, ikakhulu amakhansela avela emaqenjini aphikisayo. Azokhumbula ukuthi ameleni kulowa mkhandlu futhi akhumbule izandla ezivotele amagama awo.

Yize uvalo, umanqoba isibindi.

*Ungaxhumana nomhleli kuleli kheli le-email: editor.umkhaya@gmail.com noma ku-Whatsapp [0795239786]

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.