EzosaziwayoIzindabaUmculo

U-TOUCHLINE UTHI AKEKHO UMCULI OFIKA KU SJAVA KULELI

UPHUMELE obala wancoma uJabulani ‘Sjava’ Hadebe umculi we-Hiphop, uThabo ‘Touchline’ Mahlwele odume ngengoma ethi 3 Meter. Lo mculi uncome uSjava kulandela ukukhipha kwakhe ingoma yakhe entsha ethi Inkanyezi.

U-Touchline uthe akekho umculi amaziyo ofika ezingeni likaSjava eNingizimu Afrika. Akuqali ukuthi u-Touchline ezwakale encoma abanye ozakwabo endimeni yomculo. Uveze ukuthi uhlabeke umxhwele nge-EP kaSjava asanda kuyikhipha ethi Inkanyezi.

Uyaziwa uSjava ngokukhipha ungqambothi lwezingoma ezipholile ezikhuluma ngothando nangempilo ngokubanzi. Le-EP yakamuva eyenziwe bukhoma e-stage lapho kuzwakala khona ukushawa kwezinsimbi bukhoma nezihlwele, ishayele isipikili sokugcina.

Abantu abaningi nabalandeli bakhe uSjava sebekhombise ukuwuthakasela lo msebenzi wakhe omusha gakho akuthusi ukuzwa u-Touchline emvuma ngale ndlela lo mculi osebenzisane no-Big Zulu emsebenzini obizwa ngokuthi Izinkabi Zezwe.

U-Touchline ubhale ekhasini lakhe ku-X eveza encoma futhi edalula inhlonipho anayo ngomsebenzi kaSjava

“Akekho umuntu ongangenza ngicabange ukuthi uSjava akasiyena umculi ohamba phambili esengike ngamuzwa empilweni yami. Futhi lokho angikusho nje emoyeni”, kusho yena.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.