EZISEMATHENIIzindaba

IMEYA NAMAKHANSELA ASEMANDENI BAVELE EMNDENINI WEKHANSELA ELIDUTSHULIWE

IMEYA yomkhandlu kamasipala waseMandeni, ikhansela uMnuz. Thabani Mdlalose kuthe ngoLwesine yavakashela emndenini wekhansela laku-ward 18, uMnuz. Phendukani Mabhida odutshulwe wafa ngoLwesibili ebusuku esemzini wakubo eMhanbuma, kwaSithebe ngabo-19:40 kusihlwa. Kuthiwa uMnuz. Mabhida udutshulwe abantu abebezenza abazofuna usizo kanti bazomjikela.

Isithombe: Ingxenye yamakhansela omkhandlu kamasipala wasemandeni abehamba nemeya ukuyovela emndenini wakwaMabhida

Ngesikhathi imeya uMnuz. Mdlalose iya emzini wakubo kwekhansela ibiphekezelwa usomlomo kamasipala, uNks. Phindile Sishi nawowonke amakhansela alomkhandlu kanye nabasebenzi. Ngaphambi kwalokho uNks. Sishi uke wavela ngoLwesithathu ehamba nethimba lamakhansela awo lo mkhandlu ukuyoshiya umkhuleko wokududuza umndeni.

UMnuz. Mabhida ubeyingxenye yamakhansela afungiswa kulo mkhandlu ngo-2021 emuva kokhetho lukahulumeni wasekhaya.

Esitatimendeni esikhishwe ihhovisi lezokuxhumana kumasipala waseMandeni, imeya uMnuz. Thabani Mdlalose udlulise amazwi enduduzo emndenini, izihlobo kanye nabangani.

“Siyawudinga umkhuleko kulesi sikhathi, izolo [ngoMsombuluko] sivuke ngezindaba zokudlula kwabantu bakithi emhlabeni ngenxa yesibhamu. Sesilala, siphinde silala ngezindaba ezibuhlungu zokulinyazwa kuka khansela. Sibuhlungu kakhulu ngokwenzekile, ikhansela uMabhida ngomunye wamakhansela obehleze ebeke eqhulwini izimfuno zamalunga omphakathi wakhe. Ubengathuli konakala, ubehleze enza isiqiniseko sokuthi uyawubeka umbono wakhe. Ngithanda ukuthi umndeni wakhe awududuzeke kulesi sikhathi, izihlobo nabangani bethole ukuphila ezinhliziywen”, kusho uMnuz. Mdlalose.

Umphathiswa womnyango wezokubusa ngokubambisana nezindaba zomdabu esifundazweni saKwaZulu-Natali, uMfu. Thulasizwe Buthelezi naye uzwakalise ukukhathazeka ngokudutshulwa kwekhansela laku-ward 18 kumasipala waseMandeni, wabe esenxusa ukuba abezokugcinwa komthetho baphenye kabanzi futhi bebophe bonke abathintekayo.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.