EZISEMATHENIIzindaba

THOLA IMINININGWANE EGCWELE NGABADUTSHULWE EJOYINTINI ESUNDUMBILI

AMAPHOYISA asewadalulile amagama abantu abane abadutshulwe babulawa esehlakalweni esenzeke ngoMsombuluko endaweni yokucima ukoma, iTsalanang Tarven esigcemeni saseBhidla elokishini laseSundumbili, eMandeni.

Kulesi sigameko esenzeke nemgwaqeni Ikhwezi Road kudutshulwe kwafa abantu abane (4) okubalwa kubo namaphoyisa amabili (2) abengekho emsebenzi. Ngokombiko oqinisekiswe amaphoyisa, ngomhlaka-3 Nhlolanja 2025, ngabo-22:40 ebusuku kuqubuke ingxabano phakathi kwabasolwa abahlanu nabesilisa abebezijabulisa endaweni yokucima ukoma okuhlanganisa kubo namaphoyisa amabili. Kube sekuqubuka ingxabano phakathi kwephoyisa, u-Cst. PM Khuzwayo osebenza esiteshini saseSundumbili nalaba besilisa abahlanu abangaziwa. Kube sengathi iyaphola lengxabano emuva kokuba labasolwa abahlanu bebonisene no-Cst. Khuzwayo. Ube esebathengela utshwala labasolwa, ebonisa ukuthi sekudlulile. Kuthe ngokuhamba kwesikhathi u-Cst. TL Madlala uphumele phandle kanti uzoxabana nabo futhi laba besilisa abahlanu abangaziwa. Omunye wabo ukhiphe isibhamu wamdubula. Uzamile ukubalekela ngaphakathi kule ndawo yokucima ukoma, bamlandela bangena ngaphakthi, babe sebeqala bedubula abanye abebehamba no-Cst Madlala. Emuva kokudubula abasolwa babalekile.

Iphoyisa [u-Cst. Madlala] elidutshulwe ngaphandle liphuthunyiswe emtholampilo oseduze nokuyilapho umphefumulo walo uphume khona. Abanye abashonile kulesi sigameko ngo-Cst. PM Khuzwayo, Samukelo Mathaba noNhlanhla ‘Mydarl’ Dangazela.

Amaphoyisa aseSundumbili athe endaweni yesigameko athole abantu abathathu sebethule kanye namagobolondo ezinhlamvu ayishumi nane (14) ngaphandle kwalendawo, kanti ngaphakathi athole amagobolondo ezinhlamvu amahlanu (5).

Abanye abantu abane (4) abalimale kule kulesi sigameko baphuthunyiswe esibhedlela esiKwaDukuza, i-General Gizenga Mpanza Memorial Hospital. Laba ngo-Clevas Makhathini, Ndumiso Sibisi, Mthunzi Nhleko no-Collen Ratawu.

OKhulumela amaphoyisa esifundazweni saKwaZulu-Natali, u-Robert Netshiunda uthe kutholakale ukuthi le ndawo okwenzeke kuyo isigameko ibisebenza ngaphandle kwemvume yokudayisa, amaphoyisa abe esekuthatha konke utshwala obekuphakathi ase eyivala.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.