IMANDENI INEKUSASA ELIKHANYAYO KULABAFANA BE-REAL HOPE ACADEMY
IQEMBU lebhola eliphethwe njengenkulisa yebhola i-Real Hope Academy iyithemba ngekusasa lebhola endaweni yaseMandeni ngaphansi kukamasipala wesifunda iLembe. Leli qembu selikhiqize abadlali abaningi, abanye babo asebegijima emaqenjini e-Premier Soccer League kanti abanye bebemela omasipala, owaseMandeni noweLembe kwimiqhudelwano ehlukene yebhola.
Ngokusho kukaMnuz. Mdu Manzi ongumnikazi waleli qembu uthe selokhu yasungulwa i-Real Hope Academy ngo-2010 igxile kakhulu ekuthuthukiseni amakhono nethalente labafana baseMandeni. “Umqondo nombono ophambili ngokusungulwa kwaleli qembu ukuthuthukisa amakhono futhi kusetshenziswa ibhola ukwakha izakhamizi ezinakekelayo nezithatha izinqumo eziphusile”, kusho uMnuz. Manzi.

Isithombe: Umsunguli we-Real Hope Academy, uMnuz.Mdu Manzi osendaweni yesibili esithombe kusuka kwesokunxele
“Sesikhiqize abadlali abafana noThabani ‘Mtswiri’ Mthembu obegijima ku-Richard’s Bay manje osebolekiswe kuMsinga United ekuMotsepe ABC League noBongani ‘Gwinya’ Mthembu obeseqenjini elincane le-Mamelodi Sundowns manje osebolekiswe ku-JDR esesigabeni esiphansi”, kusho uMnuz. Manzi.

Isithombe: UBongani ‘Gwinya’ Junior ophekwe i-Real Hope Academy uke walunguza kuMamelodi Sundowns manje usebolekiswe ku-JDR edlala esigabeni esincane
Uthe iqembu lakhe selikhiqize inqwaba yabadlali abadlala emaqenjini asezigabeni ezihlukene esifundazweni nakumiqhudelwano ehlukene. “SinoNhlakanipho ‘Teko’ Ngubo ophuma eqenjini lethu kumanje ugijima KZN Academy futhi udlala kwimiqhudelwano ehlukene”, kusho yena.

Isithombe: UPhakamani Jwara okhiqizwe i-Real hope Academy oke walihlikihla kumaZulu FC
Abanye abadlali abakhiqizwe i-Real Hope Academy bagijima emaqenjini amaningi njengoPhakamani Jwara oseqenjini laseThekwini, AmaZulu FC kanti uhlale isikhathi eside kwinkulisa ye-Kaizer Chiefs.
Leli qembu linamaqembu ehlukene ngezigaba zeminyaka enza kahle kakhulu ensimini, ubufakazi balokho iqembu lika-under 13 eselinqobe inqwaba yezicoco. Lizicija ezinkundleni ezingaphandle kwaNgcedomhlophe Stadium, eBhidla. UMnuz. Manzi utshele UMKHAYA ukuthi labafana badinga ukwesekwa kakhulu ukuze begqugquzeleke kanti njengoba ebheke onke amaqembu angaphansi kwe-Real Hope Academy kubuye kube nzima. “Ngingakujabulela esinye isandla esingalekelela ngamabhola njengoba abawasebenzisayo kungathi aka-1975. Okunye engingacela bexhwaswe ngakho ijezi”
Intatheli yoMKHAYA iwabonile amabhola abazilolonga ngawo abafana baka-under 13 be-Real Hope Academy kanti abukeka eguge kakhulu futhi engadabuka noma nini.

Isithombe: Iqembu lika-under 13 le-Real Hope Academy eligila izimanga njengoba liqoqa zonke izicoco
Ngaphandle kokudlala ibhola abadlali be-Real Hope Academy benza nasezifundweni zabo. “UKhayelihle ‘Dutsie’ Biyela obengukaputeni weqembu une-master’s in industrial engineering. USizwe Zondo osengumphathi weqembu usebenza njenge-libriarian. Sinenqwaba yabanye abadlali abasimele kahle kakhulu emikhakheni ehlukene yempilo”, kusho uMnuz. Manzi.
Abasunguli be-Real Hope Academy bangakuthokozela ukuthola uxhaso ukuze beqhubeke nomsebenzi omuhle abawenzayo wokuthuthukisa ikhono kanye nokwakha izakhamizi ezithatha izinqumo eziphusile.