ABAKHONGI BAPHANGWE IMALI ENGU-R35K EKHWENI KWADAMBUZA
BASASHAQEKILE namanje abantu bakwaDambuza emuva kokuba abakhongi abathathu abebeyolobola emzini wakwaNdaba khona kwaDambuza eMgungundlovu bephangwe imali engu-R35 000 ngoMgqibelo. Ngokuthola koMKHAYA labakhongi bebethunywe umkhwenyana wakulo muzi ongowakwaMkhize eMbumbulu, eThekwini ukuyomcelela isihlobo esihle kulo muzi.
Kuthiwa laba bafike ngezikhathi zasekuseni benza yonke imicilikisho eyenziwa makuzolotsholwa base bengeniswa endlini. Ngokusho kowesifazane osekhulile wakulomuzi okhulume nabezindaba uthe, kungene abalisa abathathu endlini abebethunywe umkhwenyana ukuzolobola.
“Kuthe kungakapheli ngisho imizuzu emibili bengenile endlini, kwatheleka amadoda amabili ephethe izibhamu aqonda ngqo kumkhongi oyedwa afuna imali.
“Ubanike isikhwama sakhe semali bathi incane, baqonda komunye bathi akabanike yonke imali nebala wayikhipha wabanika. Base bethi iphelele, babonga bahamba”, kusho yena.
Lona wesifazane uthe uzwe sebehambile abasolwa ukuthi ngaphambi kokungena kulo muzi bebeqale kumkhwenyane obepake imoto esitolo esiseduze elinde abakhongi. Uthe bamphuce ukhiye wemoto bayithatha, bathe sebebuqamama bazama ukuyishisa kodwa kwasiza omakhelwane abayibone isha babhula umlilo.
“Okusixakayo ngalabantu abahlasele ukuthi khona umkhongi omdala abavele bamdlula bangaya kuye”, kusho lona wesifazane walapha ekhaya.
Kuvele ukuthi ngaphambi kokuba abakhongi beze kulo muzi, omunye wabo uke waluleka umkhwanyane ukuthi imali ithunyelwe nge-Electronic Funds Transfer (FET) kodwa wamanqika ngoba ethi kuphephile.
Kuvulwe icala lokuphanga esiteshimi samaphoyisa saseDambuza