ABANTUEZEMISAKAZOIzindaba

UKUZIKHANDLA KWENZE WAQOKWA KOWEZINDONDO UMLONDI NZIMANDE

UKUPHOKOPHELA nokuzikhandla emsebenzini awenzayo kwenze wathula ithuba lokuqokelwa kumncintiswano wezindondo umsakazi weSakha Isizwe FM, uMlondi Nzimande (25). UMlondi owenza uhlelo olungena phakathi kwehora lesishiyagalolunye (09:00) ekuseni neleshumi nambili (12:00) emini phakathi nezinsuku uphinde abe umphathi wezinhlelo kulo msakazo.

Ukhulele eHlokozi eningizimu yesifundazwe saKwaZulu-Natali nokuyilapho aqale khona imfundo yamabanga aphansi esikoleni i-St. Nicholas Primary. Uqhubekile wafunda eHlokozi High School. “Ngashiya phakathi [eHlokozi] ngenxa yesimo sasekhaya esasingesihle kwazise nabazali ngangingasenabo. Ngikhule ngiyingane nje ehlala nogogo nomkhulu, okwaphoqa ukuthi ngisuke emakhaya ngizohlala eLovu nomamkhulu kanye nomndeni wakhe, nokuyilapho ngiqedele khona imfundo eyisisekelo e-Charles Sabelo High school eMbumbulu”.

“Ngifunde esikoleni ebesaziwa ngokuthi abafundi bakhona abaphumeleli futhi abenzi kahle ezifundweni, kodwa ngasebenza ngokuzikhandla”, kusho yena.

Ekhuluma noMKHAYA uMlondi uthe uthando lobuciko beluhlezi lukhona kuye kodwa ukukhula endaweni lapho kungekho lutho olungamathuba okuzithuthikisa kakhulukazi kwezobuciko akumqedanga amandla.

“Esikoleni ngasungula iqembu lo mculo elalingenela imincintiswano, liculiswa yimi futhi lalinqoba. Ngeshwa othisha babengaweseki lo mbono, engangikwenza kwakuyinkani yami konke”, kusho uMlondi.

Uthe waqeda umatikuletsheni wangakwazi ukuqhubeka nokufunda ezikhungweni zemfundo ephakeme. “Akungihluphanga kakhulu nokho lokho ngoba bengizazi ukuthi inhliziyo yami igxile kakhulu kwezobuciko nezikaqesizungu ngokubanzi”

“Ngibe sengicula eqenjini laseMlazi, Umlazi Gospel Choir isikhathi eside, ngase ngingena emkhakheni wokuhlela imicimbi futhi”, kusho yena.

Eqhubeka echaza uthe ubuyele eHlokozi waba yingxenye yabasunguli bomncintiswano wozime i-Mr and Miss Hlokozi Beauty Pageant eqale ngo-2023. “Bengibuye ngibe umphathi wezinhlelo emicimbini nasemingcwabeni khona endaweni. Abantu bebehlale bengitshela ukuthi nginezwi lomsakazo ngibahleke ngenxa yokwazi izimo engikhule phansi kwazo nokwazi ukuthi akukho lula ukufeza amaphupho anjalo, noma ngabe nginawo ngenxa yokukhulela endaweni yasemakhaya la khona izinto ezifana nalezo sizibukela kude futhi sibona sengathi zifanele abantu abathize. Nokho angizange ngiyeke ukulokhu ngiwafuna amathuba”, kusho yena.

UMlondi uthe ubhalele umsakazo iSakha Isizwe FM ecela ukuthi bamnike ithuba angene emsakazweni. Nebala umphathi womsakazo, uNkk. Thandeka Khathi wamnika ithuba. “Leli ithuba engilibambe ngezandla zombili, ngasebenza ngokuzikhandla ukuzithuthukisa mina kanye nomsakazo engiwusebenzelayo”, kusho uMlondi.

Kungakapheli sikhathi eside efikile kulo msakazo ube esegixabezwa ngomsebenzi wokuba umphathi wezinhlelo okuwumsebenzi asawenza namanje kanti uphinde abe inxusa lawo lo msakazo.

Ukusebenza kwakhe ngokuzimisela uMnqobi kumenze waqokwa kumncintiswano wezindondo iMzansi Arts and Media Awards emkhakheni we-Best Radio Presenter. “Ngicela ukuthi abantu bangeseke ukubonakalisa ukuthi noma ngabe ukhule ngaphansi kwezimo ezinjani, noma ngabe uphuma endaweni enjani kodwa amaphupho ayafezeka”, kusho yena.

Kuzoqala mhlaka-10 Nhlolanja 2025 ukuvota kulo mncintiswano. Uma ungivotela uthumela umyalezo, ubhale igama elithi ‘MAMA 175’ uthumele kule nombolo 40439.

Esephetha udlulise umyalezo entsheni wathi: “Ngiyafisa ukudlulisela intsha umyalezo wokuthi konke kusenzandleni zethu, izidakamizwa nokunye okungalungile akusenzi isimo sakho sibe ngcono kodwa ungayeki ukufuna amathuba okwenza impilo yakho ibe ngcono. Noma ngabe kuncane kangakanani kodwa kungakuvulela iminyango emikhulu. Uma ufuna uMlondi akuphathele uhlelo emcimbini wakho, ungaxhumana naye kulenombolo ethi 078 254 9483

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.