“SILANDELA UMTHETHO WEGAZI NENOMBOLO” – OWE-WEST
UTHE balandela umthetho wegazi nonombolo owesilisa oyilungu le-West ngesikhathi ekhuluma ohlelweni lomsakazi weVuma FM, u-Jacinta Ngobese ngoMsombuluko ekuseni. Lona owesilisa elingadalulwangwa igama lakhe ubekhuluma kanje emuva kwesehlakalo sakamuva sokubulawa amaphoyisa kukaMnqobi (20) obeyilungu labo ngolwesine olwedlule.
Lona wesilisa oyilungu leqembu lezigebengu elihlalise lubhojozi imiphakathi yakoNtuzuma, Inanda naKwaMashu, eThekwini ubezwakala ekhuluma ngokuzethemba, kuzwakala ukuthi akakhathalele kuthenjwa.
“Thina siphilela ukulandela umthetho wokubulala, sisebenza ngegazi nangenombolo”, kusho yena.
Embuza u-Jacinta ukuthi uphuma ekhaya elinjani akaphendulanga ngendlela eqondile. “Sisi wami uma umuntu ekhula kufika isikhathi sokuthi azikhethele impilo afuna ukuyiphila, ngakho nathi esikwenzayo sizikhethele”, kusho yena kafushane.
Ngesikhathi u-Jacinta embuza ukuthi uma kungaqhamuka umuntu afune ukumnika uthando nempilo efudumele angakwamukela yini lokho, uthe kasenanhliziyo yokutotoswa nyena. “Kangisenanhliziyo ngenxa yezimo ezingehlele ejele. Kangisadinge thando, ngisebenza ngenombolo kuphela”, esho.
Uthe ukubulawa kukaMnqobi akusikho ukuphela kwabo kodwa kuhambe inyama kuphela, umphefumulo wakhe usazophila komunye wabo. Uqhubeke wathi kasathinteki ngokufa komuntu kangangokuthi abanendaba ukuthi umuntu abambulalayo uyondla ekhaya noma wenzani, bona balandela umthetho. Uthe kusekuncane okwenziwe amaphoyisa ngoba bona bazofela kwi-West.
Leli qembu elisatshwayo eThekwini linamalungu aneminyaka ephakathi kwengamashumi amathathu (30) nesishiyagalolunye (9) njengoba omncane kakhulu ena-9.
UMnqobi udutshulwe wafa ehamba namanye amalungu aleli qembu bephuma eMhlanga ukuyolanda izidakamizwa nezinhlamvu. Ngesikhathi sebephuma eMhlanga bashintshane ngezimoto, kanti amaphoyisa asezithendeni zabo. Bahamba baze bafika e-Cottonlandss, e-Verulam, lapho abapake khona ku-Vincent Dickson Road.
Kuthe uma bebona ukuthi amaphoyisa ayabalandela babe sebedubula bebhekise kuwo, kanti sebezithele, nawo adubula kwasala othulini yena uMnqobi nomunye oneminyaka engamashumi amabili nesikhombisa (27) abehamba naye.
Amaphoyisa asezithendeni zikamsolwa wesithathu.
UMnqobi ubefunwa amaphoyisa ngamacala angamashumi amabili (20) ehlukene nayishumi (10) okubulala abantu. Amacala abefunelwa wona ahlanganisa ukuzama ukubulala, ukugqekeza, ukusabisa nokuphanga