Izindaba

ABESIFAZANE ABATHATHU BABOSHELWE UKUDLWENGULA OWESILISA (20)

OWESILISA waseMazowe eZimbabwe oneminyaka engamashumi amabili (20) ubanjwe inkunzi, wadlwengulwa ngabesifazane abathathu, baseHarare. Abasolwa okungo-Diana Sibanda (35), Brendy Msipa (35) no-Tabeth Harris (33) bavele enkantolo ngoLwesibili ngecala lokubamba inkunzi kanye nelokuhlukumeza ngokocansi.

Kubikwa ukuthi abasolwa laba basazahlala ejele kuze kube ngumhlaka-13 Nhlolanja icala labo lisacubungulwa.

Ngokusho kukamshushisi u-Anesu Chirenje, isigameko lesi senzeke mhlaka-25 Zibandlela ngesikhathi isisulu sihamba ngemoto yaso emgwaqweni u-Leopold Takawira Street.

Kubikwa ukuthi umsolwa wokuqala uSisanda wavula isicabha semoto wasabisa isisulu nge-screwdriver, wabe esethatha umakhalekhukhwini wohlobo lwe-Samsung Note 20 Ultra. Emuva kwalokho ube esemyalela ukuthi ashayele imoto baye kwenye indlu eseduzane.

Bathe befika kuleyo ndlu, uMsipa noHarris bangena, baqala ukumkhumula isisulu izimpahla ebesizigqokile base bemdlwengula.

Enkantolo kuvele ukuthi laba besifazane emuva kokudlwengula lona wesilisa babe sebemthathela imali engu-US$20 (R371). Baqede lapho bambuyisela emotweni yakhe, baphinda bathatha i-power bank kanye le-phone charger base bemtshela ukuthi akagibele itekisi aye kubo, babe sebethatha enye imali engu-US$80 (R1493).

Nokho lona wesilisa ukwazile ukumemeza ngesikhathi ebona kudlula amaphoyisa eduzane. Abantu abamzwile ememeza bahlabe umkhosi okuholele ekuboshweni kwalaba besifazane. Izimpahla zowesilisa zitholakala zonke.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.