KUHLONISHWA KABILI
ISIZULU sithi kuhlonishwa kabili, okusho ukuthi omncane uhlonipha omdala nomdala ahloniphe omncane, kuyathokozisa ukuphila ezweni lapho kunenhlonipho inkululeko kanye nokuthula okuyinto ekhanda nobumbano oluqinile, sengingasho emndenini kuphela kepha nasemphakathini uwonkana okuyiyonanto engadala inqubekela phambili emphakathini ngoba kusuke kunokwethembeka okunzulu. Osekuyinto engathi isithanda ukuba ivelakancane kulesi sikhathi esiphila kuso.
Kungenzeka ukuthi uyazibuza ukuba kungani na ngisho lokhu? Iza nendlebe mina ngize nodaba.
Ngokushintsha kwezikhathi impela nabantu bayashintsha imfundiso zesimanje sezintekenteke futhi engekho oqondile esingamubeka icala ngoba sonke sinomthelela ekutheni kube njalo. Kudala lalisatshwa ihlazo, inhlonipho kuyiyona edlisayo umuntu omdala wawungeke umubone enza okuphambene neminyaka yakhe ngenxa yokuthi ugcina isidima somndeni kanye nesakhe, kanjalo nabantwana ababekhula ngaleyo nkathi kwakuthukeka kwenzeka ukuba benze isenzo esingalungile esizobathela ngehlazo.
Kuthiwa indlela ibuzwa kwabaphambili okusobala ukuthi iningi lezingane zibukela kubantu abadala indlela yokuphila kepha esikhathini samanje sekunzima nokuhlukanisa omdala komncane ngenxa yenzenzo zabo. Kunabantu abakhulile abangasalesabi neze ihlazo, uthole bezithukela inhlamba benganaki, badle amanzi amponjwana ngokweqile osekuyinto eyinsakavukela umchilo wesidwaba kulesi sikhathi okungaholela ekwenzeni izinto ezingabukeki kahle kwabeza emuva kwabo.
Okuphathelene nentsha yamanje okuyinkinga kakhulu, indlela yokukhuluma isisoka sekuyinto eyivela kancane. Uke uzwe umuntu ethi uyakhuluma ekubeni uyahliphiza nje ulimi lwakhe aluqoqekile neze, okungenzeka ukuba indlela akhuliseke ngayo ekhaya, kepha angehluleli ngoba izindawo eziphuma kuzona azifani neze.
Kuningi engifisa ukukudalula kepha umbuzo ozoqoqa konke uthi uzohlonishwa kanjani usahluleka ukuzihlonipha wena umdala? Uqala ngokuzihlonipha wena ukuze ukwazi ukuhlonipha abanye, nabo futhi bekuhloniphe, sengibala nayo intsha nezingane ezincane ezisakhulayo. Ngamafuphi nje ngithi masiqhakambise inhlonipho osekuyiyo eyithemba ekubuyiseni izwe lethu kokuningi okubi elibhekene nakho. Lokhu kungaba isona siqalo sendlela enhle.
Kuloba uMthetheleli Meyiwa
Imibono kaMthetheleli Meyiwa izimele, akubhalayo kulengosi kuyimicabango yakhe kanye nakubonayo empilweni nsukuzonke