UMASIPALA WASEMANDENI UKLOMELISE ABENZE KAHLE KUMATIKULETSHENI KA-2024
UMASIPALA waseMandeni, usingathe ngempumelelo umcimbi I-Matric Excellence Awards, eSibusisiwe Hall, mhlaka-29 Masingana 2024. Lomcimbi bekuhloswe ngawo ukuchoma uphaphe lwegwalagwala labo abenze kahle ngesikhathi sezivivinyo zikamatikuletsheni ngonyaka ka-2024.
Phakathi kwalabo abebeyingxenye yalomcimbi singabala, abahloli emnyangweni wezemfundo esifundeni iLembe, othisha bezikole ezahlukene, amakhansela, abazali bezingane ezenze kahle kumatikuletsheni, abafundi, kanye nezinhlangano ezahlukene ezisebenza ngokuqinisekisa ukuthi ezemfundo zisezingeni elifanele eMandeni.
Njengengxenye yokwenzekile osukwini, uMasipala waseMandeni, ngoxhaso lwezimenenja kanye nabaqondisi balomkhandlu, bahlinzeke abafundi bezikole zamabanga aphansi ngomfaniswano wesikole ukuze bezokwazi ukuqhuba izifundo zabo befinyelele ezingeni labafundi obekuhlangenwe ngabo osukwini.
Imeya womkhandlu waseMandeni, ikhansela uMnuz. Thabani Mdlalose, wethule inkulumo yosuku lapho eqhakambise khona ukudlondlobala kwezinga lokuphasa eMandeni. “Uma ngiqhathanisa indlela izikole zethu ezikhuphula ngayo izinga lokuphumelela, ngifikelwa injabulo nokwenama ngomsebenzi omuhle owenziwa othisha kanye nomnyango wezemfundo esifundeni sethu seLembe” kusho imeya.
UMnuz. Mdlalose uqhube ngokudlulisa amazwi ka dolo-qina kulabo abangaphumelelanga. “Ngifisa ukudlulisa amazwi okuqinisa idolo labo bafundi abangenzanga kahle kumatikuletsheni wakulo nyaka esisuka kuwo. Endleleni eya empumelelweni kunezikhisi eziningi esiphoseka kuzo, okusemqoka ukuvuka sizithathe, siphokophele phambili” kusho imeya ngaphambi kokubongela othisha, abafundi kanye nabobonke abafake igxalaba lokuqinisekisa ukuthi unyaka ka-2024 uba ngowempumelelo kubafundi bakamatikuletsheni.
“Ngifisa ukudlulisa amazwi ami okubonga kothisha, abafundi, kanye nabazali ngeqhaza abalibambile ekulekeleleni iMandeni ukuthi ithole lemiphumela esihlangene ngayo namhlanje. Siyabonga kakhulu siwumkhandlu waseMandeni, futhi siyaziqhenya ngani”, kusho uMnu. Mdlalose.
Nantu uhlu lwabafundi abenze kahle kumatikuletsheni ku-2024:
- Mbatha Luthando Mandy: Impoqabulungu Secondary School
- Ndlovu Ziyanda Olwethu: Tugela Secondary School
- Mgwaba Misokuhle Thandiswa: Kwavusimuzi High School
- Ndueche Chioma Chichi: Mathubesizwe High School
- Ngcobo Sandisiwe Anele: Tugela Secondary School
- Shezi Olwethu Hopewell: Tugela Secondary School
- Khumalo Thando Percival: Tugela Secondary School
- Khumalo Sinethemba Sphesihle: Inkosi KW Mathaba Technical School
- Makhoba Samukelo Goodness: Lambothi High School
- Shange Slindokuhle Princess: Mathubesizwe High School
Nantu uhlu lwezikole ezenze kahle kumatikuletsheni ku-2024;
- Nkwenkwezi Secondary School: 99.3%
- Ingobamakhosi Secondary School: 95.3%
- Mandini Academy: 94.3%
- Inkosi KW Mathaba Technical School: 94.0%
- Impoqabulungu Secondary School: 93.6%
- Ndondakusuka Senior Secondary: 93.5%
- Mathubesizwe High School: 92.9%
- Lambothi High School: 89.3%
- Sikhuthele High School: 86.7%
- Tshana High School: 86.0
Umthombo: Mandeni Local Municipality