EZISEMATHENIIzindaba

“ASITSHELWE LUTHO NGOKUMISWA KWEMISHANGUZO EVELA EMELIKA” – UDKT. MOTSOALEDI

UNGQONGQOSHE wezempilo kuleli, uDkt. Aaron Motsoaledi uthi akukho okuphathekayo abasakuthole kuhulumeni wase-United States (US) mayelana nokumisa zonke izinhlelo zokuxhasa ngemishanguzo okuhlanganisa neyegciwane lengculazi nesandulela sayo emhlabeni wonke.

Ubekhuluma kanje nabezindaba ngesikhathi kuqhubeka umhlangano we-Cabinet Lekgotla ePitoli ngoLwesithathu.

Umnyango wezempilo uthola uxhaso lwemishanguzo olungu-17% ohlelweni lwehhovisi likamengameli waseMelika, u-Donald Trump, i-President’s Emergency Plan for AIDS Relief (PEPFAR) oluqale ngo-2003.

Isithombe: Umengameli waseMelika, u-Donald Trump okubikwa ukuthi umise zonke izinhlelo zikahulumeni wakhe zokuxhasa ngemishanguzo emazweni ehlukene emhlabeni wonke

UMotsoaledi uthe ngokolwazi abanalo izinhlelo ze-PEPFAR zizoqhubeka ezweni.

“Kuze kube manje akukho ebesisakuthole kuhulumeni waseMelika. Imali yoxhaso noma ngabe iqhamuka esikhwameni senhlangano yomhlaba noma kuyo i-PEPFAR, iye ifakwe emnyangweni kamgcinimafa kazwelonke, umgcinimafa ayikho imali oyitholile, umnyango wezempilo kuzwelonke ayikho incwadi oyitholile, umnyango wezokuxhumana kwamazwe omhlaba nokubambisana ayikho incwadi oyitholile.

“Sizamile ukuxhumana nabehhovisi le nxusa lase-US kodwa kasibatholi. Manje wazi kanjani ukuthi lolu xhaso lumisiwe, ngoba izinhlangano zomphakathi kanye nemitholampilo ethola usizo lwe-PEPFARibona kuphela abathole izincwadi ezibazisa ngalokhu njengoba nani senazi.

“Namuha (ngoLwesithathu) sithole ukuthi unobhala kahulumeni wase-US ubhale incwadi ethi bayakuhoxisa lokhu okwamanje njengoba besazokuhlolisisa lokhu izinsuku ezingamashumi ayisishiyagalolunye (90).. sikholwa ukuthi lokhu kusazoqhubeka”, kusho uDkt. Motsoaledi.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.