KUKHO KONKE CELA UKUHLAKANIPHA
NGIQALE ngokubonga indlela ingosi yabaNqobi ekhula ngayo. Siyabonga kakhulu indlela eniyithakasela ngayo lengosi. Imiyalezo yezincomo isho lukhulu.
Umhlaba esiphila kuwu ugcwele izindaba ezibuhlungu. Kuningi okwenzekayo ikakhulukazi izigameko zempilo ezisishiya simanxebanxeba enhliziyweni kanye nasemzimbeni. Ezintweni eziningi esizicelayo masicele nokuhlakanipha.
Ukuhlakanipha kungasisiza ukuthatha izinqumo eziphusile futhi ezinokumcabangela nomunye umuntu.
Baningi kakhulu abadukisi kulesikhathi esiphila kuso. Kukhona abadukisi kwezothando, kwezenkolo, kwezamabhizinisi nakwezinye izinxenye ezibalulekile. Sengathi isinqumo nesinqumo osithathayo ungasisekela ngolwazi.
Kulindele futhi wamukele ukuthi izinto ziyenzeka empilweni. Kuyenzeka kuthi kusahamba kahle kuvele kube khona okuzokwephula umoya okanye kushintshe indlela obuphila ngayo kubemuncu empilweni. Ushintsho luza nezinto ezimnandi nezingekho mnandi. Buyadingeka ubuhlakani bokukwazi ukubheka wemukele izimo uma ungenayo indlela yokuzishintsha. Impilo inezikhisi ayinandaba ukuthi kade ukhala izolo, ingakukhalisa nanamuhla. Ayinandaba ukuthi ubujabule, ingakukhalisa okanye ikujabulise ngesikhathi sayo. Izinqumo zethu nazo ziyaba nomthelela kokunye. Empilweni kuyabekezelwa futhi kuyazanywa. Impilo ayinandaba ukuthi ungubani. Kepha kuhle ukungayisabi ubhekane nayo ngqo.
Sikhulekela ukuthi uJehova avuse unembeza kubantu. Nginenkolelo ukuthi unembeza uyahambisana nokuhlakanipha. Ngaphakathi kithi kukhona izwi elincane elisitshelayo uma into ilungile okanye ingalunganga.
Ukuqala kokuhlakanipha kungukumhlonipha uMdali. Okunezezela ukuhlakanipha ukufunda nokulandelela izinto uthole ulwazi. Nokuxoxa nabantu abanomqondo okhaliphile abakhuluma izinto ezinokuphila kuyasiza. Njengenkosi uSolomoni cela ukuhlakanipha.
Enye into ebambezela ukukhula ngokwempilo ukweswela ulwazi. Zihluphe ngokuthola ulwazi. Ngqongqoza eminyango ehlukahlukene ufune ulwazi. Ngiye ngigqugquzele ukuthi umuntu azame ahluleke nonokuhluleka ngisho ukuzama.
Khumbula ukuthi wehlukile nawe udalwe ngendlela ehlukile. Kukhona odalelwe khona awulona iphutha. Ngakho kunezinto okufanele zifezwe nguwe lapha emhlabeni. Awuphekezelile abaphilayo nawe uzophila. Ungavumi ukuba yisibukeli empilweni. Sukuma wenze. Khulula umqondo wakho ngokuthola ukuhlakanipha. Lulambele ulwazi ngoba luzokukhulula kokuningi. Ungabi nomlando omfishane othi “Wazalwa, wadla, wahlupha, wafa”.
Sabalala ngokucabanga. Impilo ayigcini lapho ophila khona njengamanje. Ulwazi lungamandla. Kuyabiza kakhulu ukungazi. Uyakukhokhela ukungazi empilweni. Akube khona nawe izinto nolwazi kuzo. Ulwazi luyokusiza ukungadukiseki kalula.
Kukho konke okutholayo, thola ukuhlakanipha. Ngikhulekela ukuthi uMvelingqangi agcwalise abaholi bethu ngobuhlakani ngoba ma siholwa yiziwula sizoduka. Nathi asigwalise ngokuhlakanipha ukuze sibe nesibindi nokubona uma sesidukiswa, sikhohliswa noma sekudlalwa ngathi. Amanga, inkohlakalo, ukuvilapha kanye nomona kubuyisela isizwe sethu emuva.
Impumelelo isezandleni zethu Uma sithatha izinqumo eziphusile ngezimpilo zethu.
Makuvuleke iminyango kuqaqeke izibopho nakuwe Mfundi walengosi. Kuvele amathuba amasha azoletha ushintsho nokukhula kweyakho impilo. Inamuhla libengcono kunezolo lakho. UJehova akwandisele ukuhlakanipha.
Kuze kube ngokuzayo.
Boni Mahlinza
*UBoni Mahlinza ungusomabhizinisi, umbhali wencwadi ethi ‘Don’t Die In The Cage’ nomluleki wempilo