UQALILE UMSHUDULISWANO WEBHANGE ITHALA NE-PRUDENTIAL AUTHORITY ENKANTOLO
EMUVA kwezinkulumo eziningi eziqale ngesonto eledlule lapho i-Prudential Authority (PA) inikele enkantolo i-Pietermaritzburg High Court ngenhloso yokuthi lenkantolo ikhiphe isahlulelo sokuvalwa kwebhange Ithala, lolu daba seluzolalelwa namuhla [ngoLwesibili].
I-PA engaphansi kwe-South African Reserve Bank (SARB) isola Ithala ngokusebenza ngaphandle kwemvume futhi ngokwe-PA leli bhange alinayo imali yokuqhuba imisebenzi yalo okungaholela ekutheni liguqe.
Nakuba udaba obelufakwe i-PA lokuhlakazwa kweThala bekufanele lulalelwe ngoLwesihlanu, mhlaka-24 Masingana kodwa kuthe ngoLwesine umnyango wezokuthuthukiswa komnotho, ezokuvakasha nezemvelo KwaZulu-Natali wamemezela ukuthi lokhu sekuhlehlile.
Umnyango wezokuthuthukiswa komnotho nezokuvakasha KwaZulu-Natali uthe izinsuku ezintsha ziqinisekiswe inkantolo emuva kokuxhumana okubanzi kwezinhlaka zabamele abathintekayo. Inkantolo inqume ukuhlalela lolu daba ngokuhlukana.
Ngomhlaka-28 Masingana inkantolo izolalela isicelo esiphuthamayo sebhange Ithala sokuphikisana ne-Repayment Administrator (RA), ukuvumela leli bhodi (le-RA) ukuba liphathe imisebenzi yeThala kanye nakho konke okwalo.
Ngomhlaka-30 Masingana, inkantolo izolalela isicelo sesikhashana esifakwe i-PA sokuhlakaza Ithala, elisiphikisayo nokho libambisene nomnyango kamgcinimafa wesifundazwe, Ithala Development Finance Corporation (IDFC) nomnyango wezokuthuthukiswa komnotho, ezovakasha nezemvelo.
Emaphepheni afakwe i-PA ithi isimo esibi sezimali ebhange laseThala sibeka engcupheni izimali ezifakwa amakhasimende alo kulo. Iphinde yathi kwalona ibhange lisengcupheni yokuwa njengoba izimali elizikweletayo zedlula imali nezimpahla elinazo. “Kahlehle, ngokomthetho Ithala liwile. Ukusebenza kwalo njengamanje kuwukwephula isigaba somthetho 11 wemithetho yamabhange”, kusho i-PA.
Ithala belilokhu lisebenza nge-licence yesikhashana ebeliyithola i-SARB, kodwa kuthe ngo-2023, ibhange lehluleka ukuhlangabezana nezimfuno zokukhishwa kwama-licence amabhange, i-PA yaqoka i-RA ukuthi iphathe imisebenzi nakho konke okuthinta ezezimali eThala.
Ekhala ngakho i-PA ngeThala ukuthi eqaleni kwalonyaka i-RA iliyalele ukuba lingabe lisayithatha imali efakwa amakhasimende alo ngoba alisenayo i-licence yokusebenza njengebhange kodwa ibhange langawulandela lowo myalelo. Okunye kuthe maliyalelwa ukuthi libuyisele emuva izimali zabantu elizigcinile nalapho lehluleka ukulandela umyalelo.
“Ukuhluleka kwaThala ukulandela umyalelo we-RA ukuthi likhokhe imali engu-R2.4 billion – nokuyimali ewukuphela ekulo efakwe ngamakhasimende – lokho kukodwa kukutshela ukwenza okukhomba ukungabi namali”, kusho i-PA.
Emaphepheni afakwe umgcinimafa enkantolo, uthe Ithala linemali engu-R300 million esikhwameni salo engasetshenziswa ibhange ukuvikela izimali ezifakwe amakhasimende, njengokufuna kwe-PA engaphansi kwe-SARB. Nokho kulamaphepha kuvele ukuthi le mali ayiveli embikweni wezimali zaleli bhange ngoba ayikadluliselwa kulo kodwa bukhona ubufakazi bamaphepha okuqinisekisa lokho.
Njengamanje Ithala awukho umsebenzi elikwazi ukuwenza njengoba namakhasimende alo engakwazi ukukhipha imali yawo eduve kulona, kanjalo nabasebenzi balo abaholile.