EZISEMATHENIIzindaba

KUNUKA SANTUNGWANA ENDLUNKULU KAZULU – INGXENYE YESIBILI

KUTHIWA sekuputshuke ulwazi oluphuma ngaphakathi endlunkulu kaZulu oluveza ukuthi kungani ISilo uMisuzulu KaZwelithini waxosha uMntwana uSimphiwe Zulu wakwaMinyamanzi kwathi ngakusasa yacela ukuba kuhoxiswe imihlomulo yobezoba undlunkulu wesithathu, uNomzamo Myeni.

Kuzokhumbuleka ukuthi ISilo sibhalele umqondisi jikelele kuhulumeni wesifundazwe saKwaZulu-Natali sicela ukuthi ahoxise uhlelo lwezokuphepha kanye nayo yonke imihlomulo abezoyithola kuhulumeni.

UMKHAYA uthole embikweni wentatheli ye-News Box, uSihle Mavuso ukuthi ISilo besingajabule ngomsebenzi kaMntwana uSimphiwe, sabe sesitshela uMaMyeni ukuthi sifuna ukumxosha.

Ngesikhathi ISilo sitshela uMaMyeni, kusolakala ukuthi akumphathanga kahle lokho, watshela ISilo ukuthi uma uMntwana uSimphiwe exoshwa, naye uzophuma ngokushesha esigodlweni.

Lokho kwayicasula kakhulu ISilo saze sayalela unobhala waso ukuthi abhale izincwadi ezaxosha uMntwana, nenye eyayiphuca uMaMyeni ezokuphepha ezixhaswe uhulumeni.

Phezu kokuthi iSilo noMyeni bekhombise ukubumbana eNquthu ngesikhathi kukhunjulwa impi yaseSandlwana minyaka yonke kodwa ubudlelwano babo busatshekile.

Kuthiwa ngempelasonto ISilo sihambe sayotshela uMaMyeni ukuthi akapakishe aphume esigodlweni sasoPhongolo ayohlala oLundi.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.