“ISENCANE LENGANE” – KUSHO ABANTU
KUHLUKENE imibono ngowesifazne osemncane okhonza ebadleni lakwaShembe ohlangothini eBuhleni njengoba sekusuke umsindo ezinkundleni zokuxhumana kukhalwa ngokuthi usemncane kakhulu ukuthi angashada nowesilisa abonakale enaye.
Abaningi bathi kuseva ukuthi le ntombazanyana isingaba sesigabeni sokuyoba umakoti ivuse umuzi wendoda, isadinga ukuba ngaphansi kwesandla sabazali futhi ifunde nesikole.

Isithombe: Owesifazane obukeka esemncane obeshada nowesilisa obukeka ekhule kakhulu kunaye webandla lakwaShembe
Lo msindo usuke emuva kokuvela kwezithombe zomgubho waleli bandla lapho lisuke lishadisa izithandani eziningi ngosuku olulodwa, nokuyinto eyenyeka njalo ngoMasingana.
Ezinkundleni zokuxhumana abaningi bebekhala ngokuthi akulindwa ngani ingane ikhule bese ifakwa esigabeni sokuba umfazi womuntu. Omunye uthe lenqubo yaleli bandla isihambisana nendlela njengoba esole abazali ngokunikela ngezingane zabo emadodeni amadala ngoba befuna amalobolo.
Nokho abanye, ikakhulu abakhonza khona bebeveza ukuthi lokhu kuyinqubo yebandla futhi akekho umuntu okhonjwa ngenkani kodwa kuba ukuvuma kwenhliziyo yakhe. Baveze nokuthi akekho okhethwa engaphansi kweminyaka eyishumi nesishiyagalombili (18).
Kukhona abebencoma intombazane ebigana lona wesilisa oyinhlalisuthi ukuthi ayinizikelanga ebafaneni ngomzimba wayo, bayilala futhi bayizalisa bayishiya kanjalo. Abanye bebekhala ngezingane esezizinikela kubantu bokuhamba ngenxa yokubhuqwa indlala, bancoma okwenziwe ilentombazane ukuthi abazali bayo bazoziqhenya ngayo njengoba ingazigcinelanga ‘osikhotheni’.
“Phumani ezindabeni zakwaShembe… ninake ezindabeni zamakhehla nihlanganaphi? Nina nize nibhodle kangaka ningenaphi ngoba akekho ümuntu osuke ephoqiwe? Nize nipike kangaka wezif*b* kuma ezinkundleni zokuxhumana ngento eningahlangene nayo yini?
“Ngoba phela anishadile ninjalo kuyimanje, azikhoni ezivuka emaminithini emasontweni enu? Ingoba vele into kaShembe ayifaniswa nezenu ezibhorayo, into kaShembe inhle. Kungcono [amakhehla] akwaShembe ayazishada izingane, nina nidliwa mahhala nje anishadi, banishiya kanjalo. Hawu ngeke phela sidlale nina”, kusho uMnothwana NkosiYeytefuza Ngema ekhasini lakhe ku-Facebook.
UMKHAYA uthole ukuthi owesifazane obukeka emncane obeshada nalona wesilisa obukeka ekhulile kakhulu kunanye uneminyaka eyishumi nesishiyagalolunye (19) futhi wenza unyaka wesibili e-Mangosuthu University of Technology (MUT).