BAZETHEMBILE NGEBHIZINISI LABO LEMFASHINI ABAFUNDI (4) BASEMBIZWENI EMLAZI
ABAFUNDI abane (4) futhi abangabangani basesikoleni iMbizweni High School esigcemeni sakwa-F eMlazi, eThekwini benze okungajwayelekile beqala ibhizinisi lezemfashini elibukeka linekusasa elihle, kwazise banentshisekelo engajwayekile kontanga yabo.
NgoNcwaba 2024 labafundi okungo-Elihle Govender, Sinothando Mkhungo, Mnqobi Mvelase noHloniphani ‘Sidweba’ Langa basungule inkampani egxile kwezemfashini, i-Oifiloi bayibhalisa ngokusemthethweni ngoMfumfu ngonyaka ofanayo.

Isithombe: I-logo yelebuli yokugqoka yebhizinisi elibhalisiwe labafundi abane baseMlazi eThekwini
Igama elithi Oifiloi elesi-Greek kanti uma ulihumushela olimini lwesiZulu lichaza ukuthi ‘ubungane’
Ekhuluma noMKHAYA omunye wabaqondisi bale nkampani, u-Elihle uthe nakuba imibono yayiminingi ekutheni bazothi yini igama le bhizinisi kodwa bagcina bevumelene ngelithi Oifiloi ngoba lichaza into abayiyo.
“Inhloso yethu ukubuyisa ithemba ebantwini, sibenzele igama elizokwazi ukubenza bezizwe benombono baphinde babe nento abazozihlanganisa nayo”, kusho u-Elihle.
Uthe babukela ku-Bill Bowerman no-Phil Knight abasungula i-Nike ngo-1964.
“Ibhizinisi lethu lizophakamisa abantu bangakithi futhi kuphakame nomnotho njengoba sizoqasha abantu bendawo, bekwazi ukuzimela ngokwezimali.
“Ukuzisungulela igama lethu kusho lukhulu ngoba kwadinga ukuba sibe nokuzethemba. Okubalulekile ukuthi siyathembela kithina futhi sinephupho elilodwa elisigqugquzelayo”, kusho yena.
Uthe yonke into ingenzeka uma uthembela kulokho.
U-Elihle ucele umphakathi ukuba ubeseke ngalokhu ongakwazi ngakho njengoba besadinga usizo oluhlukene ukwenza eminye imisebenzi kuleli bhizinisi labo.
Inombolo atholakala kuyona u-Elihle ithi 065 964 2809.