UKHULULWE NGO-R5000 UGOGO MAWENI WODUMO
ISANGOMA esidumile nesisematheni kulezi zinsuku, ngenxa yokulandelwa icala lokushaya elenzeka ngo-2019, uMakhotso Lee-Anne Mofokeng odume ngelikaGogo Maweni sithole i-bail ka-R5000 enkantolo i-Protea Glen Magistrate’s Court ngoMsombuluko.
UMaweni uthole i-bail emuva kokuba evele okukuqala kule nkantolo ngesonto eledlule lapho ahluleka ukuthola i-bail, inkantolo yabe isilihlehlisela usuku lwananuhlaicala ukuze afake ngokusemthethweni isicelo se-bail.
Ngesikhathi evele okokuqala inkantolo yayalela ukuthi ahlale esitokisini, okwaholela ekutheni abantu ezinkundleni zokuxhumana behlekise ngaye. Kukhona ababethi akaziphendule utamatisi aphume esitokisini kuphele kanjalo ngecala.
Uke wazama ukuvimbela abezindaba ukucoshela icala lakhe esebenzisa ummeli wakhe ngesikhathi evele okokuqala enkantolo, mhlaka-20 Masingana ngoba ethi uvikela izingane zakhe eziphilayo namawele awathwele esiswini.
UGogo Maweni oke wethula uhlelo kuMoja Love oluthi, iZangoma Zodumo uboshwe ngoMasingana usaqala emuva kokucingwa isikhathi eside amaphoyisa eGauteng Police Cold Case Investigation Unit ebambisene nawe-Intelligence Investigation Unit. Ubhekene necala lokushaya ngenhloso yokulimaza owesifazane ngebhodlela eminyakeni emihlanu edlule. Kunamanye amacala okubulala amahlanu asolwa ngawo okuthiwa wawenza eGoli phakathi kuka-2020 no-2024 nokho akakaze aboshelwe wona.