Imibono

NGIBAMBE NGESANDLA SAKHO JEHOVA, NGINGABHUBHI

NGALOMZUZU wokuhlupheka kwenyama nomphefumulo Jehova yiba nami. Ngalemini yanamuhla emnyama, kuyasa kodwa kimi liyashona. Izinselelo empilweni yami zingangezintaba. Ithemba enginalo liyashabalala.

Nantu usizi Jehova selwaba ngubaba nomame, imicabango engapheli iyantongelana, angazi ngizothatha ini ngihlanganise nani.

Usuku nosuku sengifana nofakwa elangabini lomlilo, ngiyasha ngiyaphela. Inyama yami iyaphela, kayisindi ekuguleni, umphefumulo nengqondo kukhathele imicabango engapheli. Kanjalo imicabango namacebo ami kuphelile, senginxusa wena Jehova ukuba uqalise umsebenzi wakho.

Ngiyakunxusa Nkosi engcwele ukuba ungibambe ngesandla sakho, ngingabhubhi.

Ebengimi nabo bangiphendukele, sengingumahamba yedwana njengelanga. Nkosi bangifihlele induku emqubeni. Phambi kwami bazenza abami nami, ngasese bangakhela itulo nezitha zami. Oh! Mlondolozi wami ngivikele njalo.

Ebengithi ngiyakuzama kuphenduke ize ezandleni zami, kwashabalala. Uma ngithi ngiyazama ukulungisa impilo yami, kuba sengathi ngiyayona kakhulu. Sengithembe wena kuphela Jehova ukuba ube ngumncedi wami.

Thatha konke okwami; inyama, ingqondo nomphefumulo makulawulwe nguwe kuze kube sekupheleni kwezinsuku zokuphila kwami. Omubi aze angaphumeleli Jehova kule mpilo yami. Sengiyinikela kuwe. Ngibambe ngesandla sakho, ngize ngingabhubhi.

*Ungaxhumana nomhleli kuleli kheli le-email: editor.umkhaya@gmail.com noma ku-Whatsapp [0795239786]

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.