GADANI AMAKOLISHI ANGOQHIBUKHOWE
KUBALULEKILE ukuba abafundi abaphase umatikuletsheni baqaphele lapho bebheka izikhungo zemfundo ephakeme abafisa ukufunda kuzo. Lesi isikhathi lapho siye sibone kuvumbuka inqwaba yamakolishi-mbumbulu agcina eluthe abantu izimali zabo. Ngakho-ke kuhle ukuba abazali nabafundi bangaxhamazeli uma bebheka izindawo abangafunda kuzo.
Kulezi zinsuku uma uhamba emadolobheni ubuya uphethe inqwaba yamaphepha akhangisa ngawo la makolishi angabhalisiwe emnyangweni wezemfundo. Angikucacise ukuthi akuwona wonke amakolishi angoqhibukhowe kwazise amanye abhalisiwe futhi avunyelwe umnyango ukuba afundise ngamakhono athile.
Kuhle ukuba abazali nabafundi bangaxhamazeli uma bebheka izikhungo zemfundo ephakeme ukuze bengeke bazithole sebeyizisulu zokuluthwa ilama kolishi. Okunye abangakwenya ukuthi baphenye kabanzi ngesikhungo leso. Bangakwenza lokhu ngokuthi bangene ku-website yomnyango wezemfundo ephakeme babheke uhlu lwamakolishi abhalisiwe. Uma lelo kolishi lingekho lapho ningalinge nikhokhe imali noma nenze isivumelwano nalo.
Okunye okufanele abantu bakuqaphele ukuthi ngabe izifundo lezo ikolishi elithi liyazihlinzeka zibhalisiwe yini. Kwesinye isikhathi kuyenzeka ukuthi ikolishi libhaliswe ngokusemthethweni kodwa uthole ukuthi izifundo zona alivunyelwe ukuthi lizihlinzeke.
Ngiyazi ukuthi akekho umfundi ofisa ukuhlala ekhaya ngoba usuke ebuka ukuthi uzohanjelwa isikhathi. Kuhle ukulinda ungaxhamazeli kunokuthi uzithole usulahlekelwa imali. Enye into engaba wusizo ukuthi abafundi babhalise ezikhungweni zemfundo ezibizwa ngokuthi ngama-FET. Kulezi zikhungo uyakwazi ukuthi ubhalise ngisho naphakathi nonyaka ngoba izifundo zakhona zihlelwe ngezindlela ezihlukene.
Masiqaphele bantu bakithi singazifakeli ingcindezi engenasidingo size sigcine sesilahlekelwe okuningi empilweni. Okukabani nje ukufunda eside isikhathi lesi ufundela into engekho.
*Sandile Khumalo ungumbhali wezincwadi zesiNguni, intatheli ezimele futhi wenza izifundo zobuntatheli e-Wits University. Ungaxhumana naye kuleli kheli le-email elithi: sandile.khumalo@macmillaneducation.co.za