EZISEMATHENIIzindaba

“AKUNIKWE ABANTU I-R370 KUYEKWE UKUTHI KUNEMALI ABAYITHOLAYO” – INKANTOLO

SESISHAYELWE izandla isinqumo sanamuhla (ngoMsombuluko) senkantolo i-North Gauteng High Court esiphikisa ukusetshenziswa kwamagama okuthi ‘imali engenayo’ nelithi ‘ukusekelwa ngokwezimali’ okuholele ekutheni abantu abangaphezu kuka-8 million bengayitholi imali engu-R370 yesibonelelo sabangasebenzi kuhulumeni.

Okunye inkantolo eyalele ukuthi kuyekwe ukufaka isicelo semali yesibonelelo sikahulumeni ngokusebenzisa ubuchwepheshe kuphela.

Ekhuluma emuva kokuphuma kwalesi sinqumo unobhala womfelandawonye wezinyunyana, i-SAFTU, uZwelinzima Vavi unxuse uhulumeni ukuthi uhloniphe futhi wenze njengokuyalela kwenkantolo ngaphandle kokubambezela.

Ubesho kanje uVavi emuva kokuba izinhlangano ezimbili, i-Institute for Economic Justice (IEJ) ne #PayTheGrants befake enkantolo umnyango wezenhlakahle kuzwelonke kanye nenhlangano engaphansi kwawo eholela izibonelelo, i-SASSA.

Uthe kumele kwenziwe konke okufanele ukuze kuqikelelwe ukuthi ukukhokhelwa kwemali yesibonelelo akuphazamiseki futhi kuyenzeka ngaphandle kwezinkinga.

“Sicela ukuba umbuso ube nokuxhumana okuhlelekile nezinhlangano zomphakathi ukuze kugwenywe izinselelo zokusebenza ezivele kuleli cala, ukuze kuqikelelwe ukuthi lezi nselelo ziyagwenywa ngokuzayo.”, kusho uZwelinzima Vavi.

Uthe isinqumo sanamuhla sidalula kabanzi amandla neqhaza lezobulungiswa ekuvikeleni amalungelo ezakhamizi nokubaluleka kokuthi izinhlangano zomphakathi zibe namandla ekuqhubeni ubulungiswa emiphakathini.

Uqhubeke wathi impumelelo ye-IEJ ne #PayTheGrants ayisilo igxathu eliya phambili kwabahola isibonelelo kuphela kodwa futhi iyinkombandlela yokwethulwa kwesibonelelo sabangasebenzi i-Universal Basic Income Grant (UBIG).

“I-UBIG kumele ibukwe njengesiqalo sokwakha uhlelo oluvikelekile lwentuthuko futhi lokulwa nobubha oluqinisekisa isithunzi nenhlalakahle yabantu bonke baseNingizimu Afrika.

Okhulumela umnyango wezenhlalakahle kuzwelonke, uMnuz. Bathembu Futshane uthe basizwile isinqumo senkantolo esithinta izigaba ezithile zomthetho ophathelene nesibonelelo sikahulumeni.

“Umnyango usafunda kahle sonke isinqumo futhi uzophendula ngesikhathi esifanele”, kusho yena.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.