EzosaziwayoIzindaba

U-BABES WODUMO ECALENI ELINZIMA LOKUSHAYA

ISILOMO somculo we gqom kuleli, uBongekile ‘Babes Wodumo’ Simelane-Maphumulo ubhekene nengalo yomthetho ngecala lokushaya owesifazane ongumthungi wezingubo zokugqoka eThekwini. Ngesonto eledlule ubesenkantolo i-Durban Magistrate’s Court lapho bekuqulwa khona icala lakhe, nalapho kuvele khona ukuthi lesi sigameko saqoshwa kwi-video.

Ubhekene necala lokushaya umsiki nomthungi wengqephu waseThekwini uPhilile ‘Philly’ Mhlongo we-SK Designs ngomhlaka-12 Mbasa 2024, nokuyicala aliphikayo.

Ngokombiko osenkantolo u-Babes Wodumo washaya uPhilile ngempama ebusweni endaweni yakhe yokusebenza eku-West Street enkabeni yedolobha eThekwini, nokuyisigameko esaqoshwa ama-camera akuyo lendawo.

“Emuva kwalesi sigameko ngacela ukubona i-video eqoshiwe kumphathi wendawo esisebenzelam kuyo. Wangikhombisa, kodwa wathi ngeke akwazi ukungifakela yona, ngabe sengiyiqopha kumakhalekhukhwini wami ngabe sengiyidlulisela ku-USB ngayinika umphenyi wecala”, kusho uPhilile emaphepheni asenkantolo.

Ummeli ka-Babes Wodumo, uThula Mlondo uyayichitha le-video ngenxa yendlela eyatholakala ngayo nalo lonke uhlelo lokutholakala kwayo. Lokhu kuholele ekutheni imantshi icele umshushisi, uNtokozo Ngema ukuthi ayibonise le-video. UNgema utshele imantshi ukuthi akayiphethe i-video enkantolo ngoba ngesikhathi kudingidwa lolu daba ngaphambi kwecala elihleli enkantolo ummangalelwa akazange akhombise ukuba nenkinga nayo.

Imantshi ibe isihlehlisa icala ukuthi lihlale ngoMsombuluko, mhlaka-27 Masingana ukuze umbuso uthole i-video obekukhulunywa ngayo. Leli cala eliqale ngomhlaka-23 Masingana lizoqhubeka ngomhlaka-27 Masingana nangomhlaka-7 Nhlolanja.

U-Babes Wodumo ufike kule nkantolo efake izingubo ezimnyama sucu – ubefake ijazi elimnyama, ibhulukwe elimnyama, isikibha esimnyama esinemkhono emide kanye namabhuzi amnyama. Ubephelezelwa uyise ongumfundisi, u-Bishop Welcome Sikhakhane.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.