INGWADLA I-PSL IMISA YONKE IMIDLALO YE-ROYAL AM
KUSINDA kuyehlela eqenjini laseThekwini elidlala ku-Betway Premiership, i-Royal AM njengoba i-PSL isithathe isinqumo sokumisa yonke imidlalo yalo. Leli qembu bekulindeleke ukuthi lidlale ne-Orlando Pirates e-Harry Gwala Stadium eMgungundlovu ngoLwesine, mhlaka-23 Masingana 2025 kodwa i-PSL yawumisa lowo mdlalo.
I-Royal AM igcine ukudlala umdlalo we-PSL ngomhlaka-29 Zibandlela 2024 lapho edliwe khona i-TS Galaxy ngamagoli amathathu kwelilodwa (3-1). Kuzokhumbuleka ukuthi omunye umdlalo okwakufanele i-Royal AM iwudlale ne Chippa United ngomhlaka-11 Masingana 202, nawo yacela ukuba uhlehliselwe isikhathi esingaziwa ngenxa yezinkinga zangaphakathi kuleli qembu likasomabhizinisi, u-Shawn Mkhize.
Izinkinga zezimali zomnikazi waleli qembu zichaphazele kabi kulona njengoba lizithole lingasakwazi ukukhokhela abaqeqeshi, abadlali nabanye abasebenzi balo.
Lokhu kulandela isinqumo senkantolo esavumela i-SARS ukuthi ihlasele emzini kaMkhize, ipequlule konke engakuthola ukuze kutholwe izimpahla ezingasetshenziwa ukukhokhela le nhlangano engumqoqqi wentela. UMaMkhize ubhekene ngeziqu zamehlo ne-SARS njengoba imsola ngokungayikhokheli imali engu-R40 millions.
Inkantolo ibe isiqoka umbheki ozoqhoqhobala konke okuphathelene namabhizinisi ka-Shawn Mkhize nokumenza angakwazi ukufinyelela ezimalini zawo.
NgoLwesithathu, mhlaka-22 Masingana 2025, isikhulu esiphezulu esibambile ku-PSL, uManto Madlala sibhalele incwadi usihlalo we-PSL simazisa ukuthi yonke imidlalo ye-Royal AM isimisiwe kuze kube nesinye isinqumo esihlukile.
Emuva lwalokho i-PSL ibe seyikhipha esayo isitatimende esazisa ngokumiswa kwayo yonke imidlalo ye-Royal AM.
“Mhlaka-9 Masingana 2025, i-Royal AM yazise inhlangano ukuthi ngeke ikwazi ukuhlangabezana nezimfuno zokudlala umdlalo weChippa United ngomhlaka-11 Masingana 2025 ngenxa yezinselelo ezidalwe ukuqokwa kumbheki.
“Ikomiti eliphezulu lihlanganile emihlanganweni emithathu ngenhloso yokuthola isiqinisekiso sokuthi iqembu lizokwazi ukuhlangabezana nezimfundo zemidlalo njengokujwayelekile lingaphansi kombeki”, kusho isitatimende se-PSL.
Isitatimende siqhubeke sathi ikomiti eliphezulu laziswe ngoLwesihlanu, mhlaka-17 Masingana 2025 ukuthi incwadi ebuyisa ithemba ehlanganyele evela eqenjini nakumbheki izohlinzekwa iqinisekisa i-PSL ukuthi okuholele ekutheni iqembu lingakwazi ukuhlangabezana nezimfuno zemidlalo sekulungisiwe.
“Kuze kube manje ayikho incwadi enjalo eke yahlinzekwa futhi ikomiti eliphezulu akukho ebelingakwenza ngaphandle kokuthi liyimise imidlalo ye-Royal AM ye-Betway Premiership kanye neye Nedbank kuze kube nesinye isinqumo esehlukile.
“Ikomiti eliphezulu lizophinde lihlangane nngoLwesihlanu, mhlaka-24 Masingana 2025 ngehora leshumi nanye (11:00) ukuze linikeze ithuba i-Royal AM engaphansi kombheki ukuba yenze izethulo zayo ngalolu daba”, kusho isitatimende se-PSL.
UMaMkhize uthenge isitifiketi seqembu lase i-Bloemfontein Celtics ngoNcwaba 2021, wabe eseshintsha igama leqembu walibiza nge-Royal AM ebivele igijima kuMotsepe League. Ngesikhathi iqembu seligijima ku-PSL ziningi izigameko ezenzekile ngaphansi kobuholi bakhe ezinhle nezimbi kodwa okungeke kwalibaleka kungesikhathi edizela abadlali ngezitaki zemali eyiphepha ehlukaniswe ngamarandi angamakhulu amabili (R200’s) bephakathi enkundleni. Lesi gameko esaqoshwa kwi-video futhi esasabalala ezinkundleni zokuxhumana senzeka emuva komdlalo womkhaya abawunqoba bedlala ne-Maritzburg United, nokuyinto eyagxekwa kakhulu, abaningi bethi silimaza ibhola futhi sehlisa isithunzi se-PSL.