INGCINDEZI YEMPILO YESIMANJE KUBANTU ABASHA
EMPILWENI kubalulekile ukuthi wamukele lokhu onakho, kepha kulesi sikhathi samanje kuba umqansa lokho entsheni ngenxa yokuthi sonke sifisa ukuphila impilo yobukhazikhazi sibe nemali yokuzitotosa, sigqoke izingubo zamagama, sihambe izindawo zokuzijuxuza, siphathe emaselula ohlobo oluphezulu anamanani amba eqolo, kakhulukazi mesinabangani siphile impilo yamanga.
Uthando lwezinto ezidumile luba luningi okuyilapho sigcina sizikhandela ingcindezi yokuphila impilo engaphezulu kwamandla ethu silibale ukuba asilingani ngamandla omnotho.
Ukulangazelela impilo entofontofo lena esiphilwa manje yobumnandi nobukhazikhazi kugcina kuholela intsha ekutheni ithathe izinqumo ezizolimaza yona futhi kusasa, uthole intsha ilahlekelwa isimilo kanye nesiko ekhuliswe ngalo.
Abanye ubathola beziphonsa kubantu abadala ngenxa yokuthu banemali futhi bazobanakekela phecelezi o-sugardaddy no-sugarmama. Abanye badla yona imali abayithola kubazali emakhaya, kugcine kuba ukuthi umuntu akasanaki nemuva lakhe laph’ avela khona ngenxa yokulangazelela lempilo, kanti nabangani kubuye kube yibo imbangela yokuthi umuntu agcine ezikhohlwa ukuthi ufunani empilweni, besekhetha ukucabanga aphinde aphilele imanje alibale ikusasa lakhe.
Singayilibali eyemijolo yamanje nayo okumele igcinwe isezingeni eliphakeme kwenzelwa amehlo abantu nabanye abafuna ukuphila ngamandla abanye egameni lokuthi bayathandana.
Kunetemu elika ‘YOLO’ (You Only Live Once) elike lidlise mese kuthathwa izinqumo esingase sizisole ngazo, ngabe iyona ndlela ephusile lena yokuthatha izinqumo nokuziphatha uma sesibona abangani sifuna ukuzijabulisa kanye nabo?
Impande yesono impela iyona esidla ubhedu kulelizwe, kepha masingavumeli ukuba sigwinywe izinto zomhlaba sigcine sikhohlwa okubalulekile empilweni. Abangani bahle babi kepha futhi abapheli empilweni, kanti nesikhathi sakho sokuphumelela siyeza, yebo ukubekezela kunzima namazwi agqugquzelayo agcina eseyizeleze uma kuhamba isikhathi kungalungi lutho empilweni, kepha kumele sizifundise ukuzilawula, sizithibe, sizinakekele, sibekezele futhi samukele esinakho.
Zithande uzinakekele munt’ omusha.
Kuloba uMthetheleli Meyiwa
Imibono kaMthetheleli Meyiwa izimele, akubhalayo kulengosi kuyimicabango yakhe kanye nakubonayo empilweni nsukuzonke.