INDODAKAZI KA SOMIZI IGQUGQUZELA ABATHWELE KANZIMA EMPILWENI
NAKUBA uyise wakhe, uSomizi Mhlongo engumuntu othandwa ukubukwa nokuhambela imicimbi ewubukhazikhazi kuphela kodwa uBahumi Mhlongo yena usekhethe ukungena emkhakheni wokugqugquzela abantu futhi ababuyise ithemba empilweni. UBahumi oneminyaka engamashumi amabili nesishiyagalolunye (29) uzoba nomcimbi wakhe wokuqala lapho ezobe ekhuluma ngezihloko ezihlukene kuhlanganisa nesokuvuselela ukuzethemba.
Lo mcimbi uzobe use-Steyn City Hotel, enyakatho yeGoli ngomhlaka-8 Nhlolanja kanti uzobe ubizwa ngokuthi Speak & Be Heard.
“Ziningi izinto ezikhathazayo. Okokuqala okuthinta umuntu okuqeda umdlandla. Ngiyabathanda abantu, futhi sonke kufanele sithathe lendlela. Ngiyathanda okwangempela ukunakekela abantu.
“Uma kukhona engingakwenza ukusiza, ngiyafuna ukwabelana ngakho. Uma kufanele ngikhulume noma elinye ithelente nekhono enginalo, ngifuna ukwenza njalo. Ngicabanga ukuthi lento yokugqugquzela iqhamuka lapho. Akusiyo nje into evele yangiqhamukela esithubeni. Bengilokhu ngiwumuntu okhulumayo kusukela ngisemncane.
“Ngikhulume phambi kwabantu kusukela ngenza ibanga lesine (Grade 4). Ngiyakuthanda ukukhuluma, kodwa ngifuna ukwenza isiqiniseko ukuthi engikukhulumayo kuyabathinta abantu.
“Ukukhuluma yinto elokhu ngayithanda ngisesemncane-ngicabanga ukuthi isipho esivela kuNkulunkulu. Engangikudinga ukuzicwecwa kuphela futhi ngabelane nabantu”, kusho uBahumi.
Uthe ufuna abantu baphume benokuzethemba kwangempela kulo mcimbi wakhe. “Enye yezinto esizobe sixoxa ngazo ukuzethemba. Ngiyazi ukuthi lena into okukhulunywa ngayo kunganakwa. Ngiyazi ukuthi umhlaba uhlinzeke umbombayi wegama elithi ukuzethemba kunokuzethemba kwangempela.
“Ukuthembeka kwangempela kulele ekwethembeni, abantu abaningi bathemba ukuthi bayakwazi ukuzikhulumela ngaphezu kokuthi bekwazi ukwenza lokhu abakushoyo. Abantu abaningi bathembele kakhulu endleleni ababukeka ngaphandle kunalokhu abayikho ngaphakathi. Ngifuna abantu bagxile ekwazini ukuthi yini ukuzethemba. Ngifuna ukukuvusa kubo ngendlela yokuthi bekwazi ukukusebenzisa ezimpilweni zabo”, kusho yena.
Uthe kuningi akufunde ngempilo yakhe eminyakeni edlule, kanti njengoba kuwu-2025 ufuna ukwenza okuningi.
“Kade ngilokhu ngizifuna, ngifunda, ngidlulisa okuningi futhi ngikhale kakhulu kule minyaka edlule. Ngivumele izinto eziningi ukuthi zingibuyisele emuva, okukhulu obekungigubazele ukusaba. Esikhathini esidlule bengikwazi ukuzivalela emfudumalweni yami ngikhule khona. Kodwa kunezikhathi lapho obekungenzeki lokho. Njengamanje ngifuna ukwenza konke lokhu okungaphakathi kimi, nginevuso lokukukhipha konke – lonke ugqozi namaphupho. Konke ngesikhathi sikaNkulunkulu, kuzokwenzeka”, kusho uBahumi.
Leli qhalaqhala eliwumlingisi futhi elike ladlala emdlalweni, i-Keeping Score ku-SABC 2 lizalwa uSomizi kanye nomlingisi uPalesa Madisakwane
UBahumi Mhlongo ubenengxoxo ngomcimbi wakhe neziko lezindaba i-Daily Sun