Imibono

USATHANE UYASIZONDA ISIQALO SEZINTO EZINHLE

EMPILWENI kuyenzeka uthi uzama ukuhlanganisa izinto zakho kuvele kungahlangani. Kunomuntu yena njalo izinto zakhele ziza kanzima futhi okulungayo kulunga kanzima. Uthole ukuthi wenza into efanayo nabanye abantu kodwa okwakho kuvele kungalungi. Omunye uhlakaniphile, uziphethe kahle kodwa akulungi lutho. Inhliziyo iba buhlungu uze uzibuze ukuthi ngabe ngimone ngani uMdali ngoba engasabheki ngakimi. Ukuhlupheka kuze kube sengathi kuyabizana okunye nokunye kuthi nanti ikhaya elifudumele. Kube sengathi ukuxakeka wakuthenga ngemali.

Kukho konke lokho ngiye ngithi ungalahli ithemba. Wonke umuntu ziyamehlela izinkinga. Kuyenzeka zingafani futhi zingafiki ngesikhathi esifanayo. Ungayifisi impilo yomuntu ongazi lutho ngayo.

Kubalulekile ukuba uzibheke wena ngaphakathi. Uzibuze imibuzo ejulile. Ngingubani? Ngiphumaphi? Ngiyaphi? Ngizofika kanjani lapho? Bese wenza umnyakazo ukufeza leyo nhloso. Kuba nzima yebo, kepha ophumelelayo kuba ophokophelayo. Uma ubona ukuthi indlela oyisebenzisayo ayikusebenzeli yishintshe ukuze uthole umphumela ohlukile. Kunezinto ezibambezelayo empilweni. Kukhona neziphazamisayo. Uma ikhona indlela zama ukuzigwema lezozinto. Okanye unciphise isikhathi sakho kuzo.

Ungakhohlwa ukukhuleka. Umkhuleko uyasiza kakhulu. Uyaqinisana, ubuyisa ithemba. Kuyenzeka singashintshi isimo kepha kushintshe indlela obuka ngayo isimo bese wenza ngokwehlukile.

USathane akanendaba ukuthi uyini okanye unani namuhla. Into emhlupha kakhulu ukuthi uzoba yini okanye uzoba nani ngomuso. Ube eseqala lapho ukukuhlasela. Uye asebenzise abantu ukufeza ububi bakhe. Ungazithola ujikelwa abantu ungenze lutho bekumonazele. Inkinga enkulu iqala uma eke watshala umona kubantu. Baye babone ukuthi wena kawufanelwe izinto ezinhle zifanele bona okanye abathandwa yibo. Abanye abanankinga nokuphumelela kwakho kodwa inkinga iqala uma sewenza kancono kunabo.

USathane akayihlaseli into abonayo ukuthi ayinaso isiphetho sihle. Uma uqala ushintsha impilo yakho noma kukhona izinyathelo zokwenza okuhle kulindele ukuthi kuzoba nezinqinamba. Zingakudikibalisi, yimizamo kasathane nje ufuna ukukudidisa. Phikelela uze unqobe. Yehluleka uzamile. Kulindele futhi ukuthi abanye abantu obathembile ngeke bekweseke.Konke kuthathe njengenxenye yempilo.

Abantu bazokumangaza ngoba bafuna ukuba nawe uma sewusesicongweni. Uma usazabalaza bazokugxeka bengakuniki usizo. Amehlo abo agxila emaphutheni owenzile. Izolo lakho bazolivusa ukuze becime isibani sempumelelo ozama ukusikhanyisa. Kulula ukuncola kwegama elikhandwe kanzima. Kukho konke lokhu funda ukwemukela isimo bese ungaziphakamisi. Amanye amazondo adalwa nayindlela esithatha ngayo abantu uma sesinotho okanye sinamandla. Usathane uyayisebenzisa impakamo ukukuqumba phansi ngoba usuke azi ukuthi ngeke usizwe muntu ngoba uphakeme. Azithi noma zikunetha ungabakhohlwa abantu ungayilahli inhlonipho. Kepha deda kulabo abakubukela phansi abakwenza uzizwe ungelutho.

Ungamkhohlwa umuntu okusizile ngesikhathi usebunzimeni. Ungabakhohlwa abantu abasondelayo nalapho kunzima. Esikhathini samanje izitha zethu kulula ukuthi zazi ukuthi senzani ngenxa yezinkundla zokuxhumana. Abanye batshelwa yithi okanye bezwe ngabanye. Abanye bahlalele ukubheka okwenzeka empilweni yakho bese beyakuthutha. Bagade wenze iphutha noma wehluleke bese bethola into abazongena ngayo kubantu.

Izitha asizithengi kodwa sivuka sesinazo. Ezinye usuke ungabangi lutho nazo kodwa zinyanyiswa ukuthi uyazama. Kukhona ke izitha ozidalela zona ngendlela othatha ngayo abantu, leyo ke kumele uzikhuze wena kuyo. Yilwa nempilo hhayi nabantu. Cabanga izinto ezizokusa phambili empilweni bese uyazenza. Qala noma kunzima ngoba isikhathi siyahamba.

Aziyikhonkothi emile zikhonkotha ehambayo.

Kuze kube ngokuzayo.
Boni Mahlinza

*UBoni Mahlinza ungusomabhizinisi, umbhali wencwadi ethi ‘Don’t Die In The Cage’ nomluleki wempilo

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.