EZISEMATHENIIzindaba

UMSOLWA UTHOLWE NAMAPHEPHA EZIMOTO KWELOKUBULAWA KUKA-LT. COL. PRETORIOUS

AMAPHOYISA asethole amaphepha ezimoto angamashumi amahlanu (50) nama-disc emzini womsolwa oyedwa kwabahlanu ababoshelwe ukubulala iphoyisa ebelingusigaxa mabhande e-Ermelo, u-Lietenent Colonel Piet Pretorious. U-Pretorious udutshulwe ngoyaba lwezinhlamvu wafa ehamba ngemoto yomsebenzi ngoLwesine olwedlule ngamadoda angaziwa.

Ngokusho kokhulumela amaphoyisa esifundazweni iMpumalanga, uLt. Col. Jabu Ndubane imoto eyayihamba u-Pretorious yayimbobombobo kanti yena watholakala esesimeni esibi kakhulu njengoba kwakucaca ukuthi ababulali bakhe babefuna ukumshiya efile.

Ababulali bamdubula qede babaleka ngemoto emhlophe eyi-Sedan. Kwathi kungakapheli ngisho amahora angamashumi amabili nane amaphoyisa abe esebabophile abasolwa abahlanu ayekholwa ukuthi kukhona okubahlanganisa nokubulawa kuka-Pretorious.

Imoto eyayisetshenziswa abasolwa ngesikhathi kubulawa u-Pretorious yatholakala ishe yawumlotha endaweni ebizwa nge-Extention 7 e-Ermelo.

Umsolwa oyedwa kwabahlanu ababoshiwe utholwe namaphepha ezimoto emzini wakhe akhombisa ukuthi bekushintshwa izimoto ezintshontshiwe zenzelwe amaphepha amasha obunikazi kanti vele naye u-Pretorious ubengumphathi wophiko olulwa nokuntshontshwa kwezimoto e-Ermelo. Okunye okuficwe amaphoyisa emzini kalo msolwa izimoto ezintathu ezingama-BMW, enye yazo eyabikwa njengentshontshiwe e-Witbank ngo-2018. Lena eyabikwa njengentshontshiwe ifana nse nalena etholwe isishile kanti izinombolo zenjini yayo besezicishiwe.

Isithombe: Imoto eyi-BMW efana netholwe ishe yangqongqa kamsolwa otholwe namaphepha ezimoto

Abasolwa ababoshwe ngecala lokubulawa kuka-Lt. Col. Pretorious ngoMthokozisi Nkosi, Aubrey Xaba (35), Skhumbuzo Skhakhane (40), Nyiko Mujovo (30) no-Valencia Skhosana (36). Bonke laba bavele okokuqala enkantolo ngoMsombuluko kanti icala labo liphenywa uphiko lwe-Serious Organised Crimes Investigation olwaziwa ngama-Hawks.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.