EzosaziwayoIzindaba

U-EMTEE UXWAYISA NGOMBOMBAYI BAMAKHASI ABALANDELI BAKHE AQOLAYO

UMCULI we-Hiphop kuleli, uMthembeni ‘Emtee’ Ndelu usekhiphe isexwayiso ngamakhasi angombombayi azenza awabalandeli bakhe asebenzisa igama lakhe ukuze aqole abantu abamthandayo. Lo mculi ubhale ekhasini lakhe ezinkundleni zokuxhumana wabiza amagama amakhasi i-EmteerecordsSA ne-emteehustlinggang njengalawo aqola abalandeli bakhe njengoba engasolisi ngalutho.

Okucasule kakhulu u-Emtee ukuthi lamakhasi akhangisa imikhiqizo ebhalwe igama lakhe futhi athembise into angayifezi.

Kuphoqe ukuthi akhiphe isexwayiso yena siqu esibheke kubalandeli bakhe ukuthi behlale beqaphile futhi bagweme amakhasi angombombayi. Ngesikhathi exwayisa abalandeli bakhe ucacise ukuthi lamakhasi akukho akuhlanganise naye noma imikhiqizi yakhe eyaziwayo.

“Balokhu beqola abantu, bebadayisela izimpahla ezingombombayi futhi bebathembisa izulu nomhlaba”, kusho u-Emtee.

Unxuse abalandeli bakhe ukuthi bathembe imithombo exhumene naye kuphela uma befuna izinto ezithinta umculo, izimpahla noma yini-ke enye ethinta igama lakhe. Uxwayisa kanjena nje u-Emtee abaculi abaningi basebenzisa zona izinkundla zokuxhumana ukwazisa nokudayisa umsebenzi wabo, namaqola athola leyo ntuba ukuxhaphaza nokuqola abantu.

Eminyakeni edlule osaziwayo abaningi babhekane nezinselelo ezifanayo nale, lapho bekusetshenziswa amakhasi angombombayi ukuze kuqolwe abalandeli bese amaqola ezidlela imali.

Okusukumise u-Emtee waze wabona kunesidingo ukuthi axwayise abalandeli bakhe ukubonakala kwekhasi i-EmteeHusltegang lethula umsebenzi wakhe i-DIY 3. Leli khasi belimatsa kakhulu li ‘phusha’ umsebenzi walo mculi kubalandeli kodwa yena engatshelwanga lutho.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.