Izindaba

KUTHELWE NGOYABA LWEZINHLAMVU ABANE EGQEBERHA

KUDUTSHULWE abantu abane, kuhlanganisa nentombazane eneminyaka eyishumi nesithupha (16) e-Motherwell eGqeberha, e-Eastern Cape ngoLwesibili ebusuku. Okhulumela amaphoyisa akulesa sifundazwe, usiphokazi Mawisa uthe omunye umuntu wesihlanu, oneminyaka engamashumi amabili nane (24) uphuthunyiswe esibhedlela kukubi.

Ngokusho kukaMawisa, amadoda amathathu angaziwa angene komunye umuzi adubula bonke abebengaphathi.

Uthe okwamanje akwaziwa ukuthi ngabe yini imbangela yokubulawa kwalaba nokuyingxenye yophenyo. Amaphoyisa asevule amacala amane okubulala nelilodwa lokuzama ukubulala kanti amacala aphenywa uphiko ;lwe-SAPS Provincial Serious and Violent Crimes Investigation Unit.

UMawisa uthe amaphoyisa acela noma ubani ongaba nolwazi olungasiza amaphoyisa ngophenyo lwawo axhumane nomphenyi wecala u-Detective Stg. Nigel Wright kule nbombolo ethi 082 921 2312.

Umthombo: SABC News

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com